Dylan Bettencourt
Ngemuva kwenyanga yomdlalo webhola lezinyawo elingapheli futhi okuphulwe kulo amarekhodi kwenziwa nomlando, umdlalo wamanqamu we-Euro 2020 uzoba phakathi kwe-England ne-Italy.
Akuwona umdlalo abaningi abebewubikezele kodwa womabili amaqembu abezimisele futhi akhombisa ukuthi angabancintisi abafanelekile kowamanqamu.
I-England isangenelwe yigoli elilodwa kulo mqhudelwano futhi ibizimisele emizamweni yabo yokufuna indebe yabo yokuqala yamazwe omhlaba selokhu banqoba indebe yomhlaba ngowezi-1966.
I-Italy ingene kulo mqhudelwano ingenathemba ngemuva kokwehluleka ukuthola indebe yomhlaba yangowezi-2018, kodwa manje isidlale imidlalo engama-32 ingahlulwa. Iqembu i-Azzuri lizoya kulo mdlalo ligcwele ukuzethemba bephoxe nesixuku sase-Wembley.
Womabili amaqembu abezimisele kakhulu njengoba ekwazile ukukhipha izimbangi ezinkulu njenge-German ne-Belgium.
Abalandeli abayi-60 000 abozobe bekhona e-Wembley stadium e-London bazobona umdlalo wamanqamu we-Euro 2020 ngo-21: 00 cat bukhoma ku-Dstv 203.
➤Njengoba bephume njengomphetha ngemuva kokushaya i-West Indies, ama-Proteas anokuzethemba njengoba ezoqala impi ne-Ireland. Umdlalo wokuqala kwemithathu we-One Day International’s (ODI) uzoqala ngesonto ngo-11.45am cat esiteshini se-Dstv 212.
Ama-Proteas enze kahle emidlalweni wabo obusezinkundleni zase-Carribean, eshaya i-West Indies ngo 2-0 kwi-Test series nokunqoba ngo-3-2 ku-T20.
Kuhlala kubalulekile ukuthi uhlangothi lwekhilikithi luhlale lusebenza njengoba inqubo yokwakha kabusha iqhubeka nokuba yimpumelelo.
➤Abalandeli bethenisi bazobe bewulindele ngabomvu umdlalo wama-semi final ophakathi kwabesilisa ozobanjelwa e-Wimbledon kule mpelasonto, ngolwesihlanu lapho uMatteo Berrettini ezobhekana khona noHubert Hurkacz noNovak Djokovic oyintandokazi bezohlasela uDenis Shapovalov.
Umdlalo wamanqamu wabesilisa kulindeleke ukuthi ube ngesonto mhla zi-11 kuNtulikazi ngehora le-3 ntambama i-CAT.
UKarolina Pliskova uzobhekana no-Ashleigh Barty kowamanqamu wabesifazane ozoba ngoMgqibelo ozoqala ngehora le-3 ntambama umdlalo olindelwe ngabaningi e-Wimbledon.
Yonke imidlalo yethenisi kule mpelasonto izokhonjiswa bukhoma ku-Dstv channel 214.
Umthombo wesithombe: @brfootball