E-Rwanda – Uhulumeni wase-Rwanda uthe ngeke ukhokhe imali engaphezu kuka-$300 million (R5.4 billion) owayithola e-UK ngesivumelwano sokuxosha abantu abafuna ukukhoseliswa e-UK okunalokho bayiswe e-Rwanda. Okhulumela izwe uthe lesi sivumelwano, esasayinwa ngo-2022 asizange sibe nesigatshana esikhuluma ngokubuyiselwa kwemali. Lesi sitatimende siza ngemuva kokuthi uNdunankulu wase-Britain, uKeir Starmer ememezele ukuthi uhlela ukusimisa isivumelwano sokuxoshwa.
E-US – UBrad Pitt kubikwa ukuthi cishe akaxhumani nezingane zakhe esezikhulile futhi unciphise ukuvakasha kwalezi ezincane ngenxa yesimiso sakhe esimatasa sokuqopha ifilimu ezayo yomjaho ethi “F1.” Ngokomthombo osondelene nomndeni, u-Angelina Jolie nguyena onelungelo lokugcina izingane, kanti uPitt unamalungelo okuvakashela izingane. UPitt (60) usanda kubonakala nentombi yakhe, u-Ines de Ramon emqhudelwaneni we-British Grand Prix. Unezingane eziyisithupha noJolie, amagama azo okungoMaddox (22), uPax (20), uZahara (19), uShiloh (18) namawele uKnox noVivienne (15).
E-Hong Kong – Intukuthelo yomphakathi iyakhula e-China ngezinsolo zokuthi i-Sinograin, okuyinkampani enkulu yezokudla ephethwe nguhulumeni, kanye nenhlangano yamabhizinisi ezimele, i-Hopefull Grain and Oil Group, bebesebenzisa amathangi afanayo ukuthutha uphethiloli namafutha okupheka ngaphandle kokuwahlanza ngendlela ngemuva kokusetshenziswa. I-Beijing News ibike ukuthi lo mkhuba omubi uyimfihlo esobala embonini yezokuthutha. UMkhandlu woMbuso wase-China uqale uphenyo futhi wathembisa isijeziso esinzima kulabo abatholakala benecala.
E-San Diego – I-San Diego Zoo Wildlife Alliance imemezele ukuthi ama-panda ayo amasha, uYun Chuan kanye noXin Bao, sebezilungiselela kahle kwikhaya labo elisha kusukela bafika ngomhlaka-27 kuNhlangulana. Ama-panda, okuyizilwane ezinkulu ezinfunze ibhele, awokuqala ukungena e-United States eminyakeni engu-21. Njengamanje agcinwe endaweni eyimfihlo futhi awakabonwa muntu. I-zoo yabelane ngezithombe zama-panda edla futhi eziphumulele ekhaya lawo elisha.
Isithombe esingenhla: UNdunankulu wase-Britain uKeir Starmer.
Umthombo: X