EzaseKZN: Umsolwa kwelokubulala eThekwini uzohlolwa ingqondo

USihle Mavuso ukulethela ezinohlonze ezivela KwaZulu-Natal.

E-Glenmore – Owesilisa waseThekwini onecala lokubulala owesifazane wasedolobheni nokuzama ukubulala amanye amalungu omndeni amabili uzohlolwa ingqondo. UGrayson Beare kubikwa ukuthi wenze leli cala ngoba umndeni ubuseka ngokusobala ama-Palestine emzamweni wawo wokuthola ubulungiswa kuma-Israel. Udaba luzobuyela enkantolo ngomhlaka-11 kuNhlangulana. 

E-Vryheid – Umndeni kaSandile Ntshali, iPhini likaSihlalo we-Samwu esifundazweni, usubhalele i-National Prosecuting Authority ucela ukuba umshushisi ongaphandle kwesifundazwe asingathe icala lakhe lokuzanywa ukubulalwa. Umndeni wakhe usola ukuthi icala lakhe lingase libandakanye abantu abasezikhundleni eziphezulu kanye nezinhlangano zepolitiki. UNtshali wasinda ngesikhathi bezama ukumbulala ngomhlaka-26 kuNhlaba eVryheid, kwathi abasolwa baboshwa ngokuhamba kwesikhathi e-Ermelo, eMpumalanga.

EMgungundlovu – Inhlangano yabasebenzi baseMnyuziyamu KwaZulu-Natal ibhale enye incwadi eya kungqongqoshe ophumayo wezemidlalo, ezobuciko namasiko, imncenga ukuthi amise ukuhlanganiswa kwenhlangano yabo ne-Ditsong. Encwadini yangomhlaka-31 kuNhlaba 2024, uSihlalo kasoseshini, uDumisani Jali, uthe: “Ukwehluleka kwe-DSAC ukubhekana nalezi zikhalo zabasebenzi baseKZN Museum akuyiphathi kahle inhlangano kanye nabasebenzi, kusukela kwasungulwa i-gazette esheshayo.”

OThongathi – I-National Professional Teachers’ Organisation of South Africa ikhihla esikaNandi ngokushona kukathisha wase-Seatides Combined School kulandela isiphepho sayizolo esihlasele oThongathi. Lo thisha ungomunye wabantu abayisithupha abashone izolo. Inyunyana ithe ukushona kukathisha nokucekelwa phansi kwezikole njengoba abafundi sebezobhala izivivinyo zaphakathi nonyaka kuzophazamisa kakhulu imfundo esifundazweni.

Esithombeni ngenhla: UGrayson Beare uzohlolwa ingqondo.

Umthombo: NPA KZND

Izihloko zakamuva