UCelani Sikhakhane ubika kafushane izindaba zakamuva esifundazweni.
OLundi – Kutholakale umshini (grader), kaMasipala uLundi elokishini laKwaMashu enyakatho neTheku. Lo mshini obizayo uthathwe kumasipala osenyakatho neKZN, okuwuhambo olungaphezu kwamahora amathathu uma uhamba ngemoto. Akucaci ukuthi lolu hambo luthathe isikhathi esingakanani njengoba lo mshini uhamba kancane futhi wakhelwe ukulungisa imigwaqo yobhuqu yasemakhaya.
EThekwini – Owesifazane oneminyaka engu-41 ubudala ushonile ngemuva kokubikwa ukuthi uzithungele ngomlilo esibhedlela iClairwood KwaZulu-Natal. Umlilo ucekele phansi iwadi elihlala umuntu oyedwa wadlulela ewodini eseduze, nokuphoqe iziguli ezingu-23 ukuthi ziphume. Izicishamlilo ziwunqande lo mlilo ngaphandle kokulimala kwabantu. Lesi sigameko siyaphenywa.
EMpangeni – Umbani ubulale umfundi waseMgezeni High School eMpangeni ngaseRichards Bay. UThobani Sikhakhane ushone ujuqu ngesikhathi eshaywa umbani ehamba nomunye umfundi osindile.
KwaMaphumulo – Bashiye amakhaya abantu ngemuva kokuthi izindlovu ezingu-30 zigasele ezigodini zaKwaMaphumulo, enyakatho neKZN. I-Ezemvelo KZN Wildlife ithi izindlovu zeqe esiqiwini zadlulela KwaMaphumulo naseSidakaneni ngasoLundi ngoLwesibili nangoLwesithathu.
ENanda – UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uthembise izinyathelo ezinqala ezithinta izigebengu emalokishini aseThekwini ngesikhathi ethula umkhankaso weProvincial Integrated Safer Festive Season Campaign. Ujoyinwe eDr JL Dube Stadium nguNdunankulu waseKZN uThami Ntuli, iPhini leMeya yeTheku uZandile Myeni, nezikhulu eziphezulu zamaphoyisa uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi noMajor General Fanie Masemola.
Esithombeni esingenhla: I-Road Grader etholwe elokishini laKwaMashu eNyakatho neTheku ngemuva kokwebiwa kuMasipala wasoLundi.
Umthombo: Isithombe se-screenshot
