EzaseKZN ezifingqiwe: Umholi weBOSA eKZN uNtokozo Biyela usesulile eqenjini

USihle Mavuso ukulethela kafushane izindaba ezisematheni esifundazweni.

E-Nquthu – UNtokozo Biyela, onguSihlalo weBuild One SA (BOSA) KwaZulu-Natal wesulile eqenjini eliholwa nguMmusi Maimane. UBiyela wayegaqele esobuNdunankulu KwaZulu-Natal ngesikhathi sokhetho lwangomhlaka-29 lapho iBOSA ingazange iphumelele khona ukuthola isihlalo. Uthe leli qembu alisasebenzi ukufeza izimfuno zabantu baseNingizimu Afrika, kodwa selisebenzela ukusiza abathile.

E-New Germany – Abasebenzi bebhodi lamanzi eMngeni-Uthukela bazohlomula esivumelwaneni esisha somholo okufinyelelwe kuso phakathi kwa-Amanzi Bargaining Council kanye neSouth African Municipal Workers Union (Sawmu). Lesi sivumelwano sihlanganisa ukunyuselwa umholo ngo-7%, imali yezindlu engu-R3,700 ngenyanga, nezinsuku zekhefu zonyaka ezingu-30.

EMgungundlovu – UMkhandlu we-Injeje YabeNguni, ohambisana neqembu loMkhonto weSizwe (MK), usukhiphe umyalelo wokuthi kuphenywe ngempilo kaSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal uNontembeko Boyce kanye noNobhala wesiShayamthetho uNerusha Naidoo. Uphenyo luzogxila emalini abayitholayo, ubudlelwano bangasese, kanye nendlela yokuphila, nombiko ozodingeka emasontweni amabili.

EThekwini – IDA eThekwini isicele imeya entsha uMnuz Cyril Xaba ukuthi ibhekisise inkinga yokushoda kwamanzi nezinye izinkinga zezinsiza. AbeDA bathi izindawo ezifana neNgonyameni, iKwaXimba, Inanda, iNtuzuma, uMlazi, iPhoenix, iShallcross, iChatsworth kuvame ukuthi kube nokuphazamiseka kwamanzi ngaphandle kwencazelo.

Esithombeni esingenhla: UNtokozo Biyela wesulile kwiBOSA.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva