EzaseKZN ezifingqiwe: Umdidiyeli weKZN ActionSA ujoyina iMK

USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlonze esifundazweni

EThekwini – UNathi Ngwenya ongumdidiyeli we-ActionSA KwaZulu-Natal, useshiyile iqembu wajoyina eliholwa nguMnuz Jacob Zuma, uMkhonto weSizwe (MK). UNgwenya wamukelwe kwi-MK ngoLwesihlanu eMhlanga. Lokhu kulandela ukuhlubuka kwakamuva kobenguSihlalo wentsha ye-ActionSA eMzimkhulu eqenjini.

EDumbe – UNobhala-jikelele weNational Freedom Party, uTeddy Thwala, uyisa uMengameli weqembu, u-Ivan Barnes, enkantolo ngokukuthi uphinde wammise emsebenzini yize inkantolo ikhiphe isinqumo esivimbela lokho. UThwala uthi uBarnes uziba uhlelo lwezomthetho futhi wenza okuphambene.

???EThekwini– UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi usezwakalise ukukhathazeka ngenkohlakalo edolobheni, neMeya yeTheku uCyril Xaba. UButhelezi udlulisele imibiko kuXaba, emnxusa ukuthi ayisukumele.

Estcourt – Lowo owayenguMengameli uJacob Zuma kulindeleke ukuba akhulume enkonzweni yesikhumbuzo yamalungu ayisithupha oMkhonto weSizwe ashona engozini esendleleni eya emcimbini eNkandla ngoMgqibelo. Izidumbu azikangcwatshwa njengoba zisalinde ukuhlonzwa ngolibofuzo kwazise zishe kanzima.

E-Westville – Phakathi kwabafundi abangu-1,500 abazothweswa iziqu e-University of KwaZulu-Natal emcimbini obizwa nge-Spring graduation ka-2024 ohlelelwe umhlaka-18 no-19 kuMandulo, kukhona umfundi oneminyaka engu-26 ubudala, uMikyle David, oneminyaka engu-69 ubudala ongumfundi weBachelor of Law, uDeborah Masipa. UDavid uzothola iziqu zakhe zobuDokotela wePhilosophy (Medicine).

Esithombeni esingenhla: UNathi Ngwenya ushiye i-ActionSA waya eqenjini le-MK.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva