USihle Mavuso ukulethela kafushane ezinohlonze esifundazweni
EVryheid – Umasipala wendawo aBaqulusi (Vryheid) ophethwe yi-IFP, ulahlekelwe u-R40 million ngenxa yokwebiwa kwamakhebuli. Esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko, umasipala usole abanye babasebenzi bawo nama-scrap dealers ngokuntshontsha. Baphinde bazwakalisa ukuthukuthela kwabo kumaphoyisa endawo, bethi akubukeki ekuthathela phezulu ukwebiwa kwamakhebuli, njengoba amacala amaningi esulwa ngaphandle kophenyo olunzulu.
EMgungundlovu – Ezemvelo KZN Wildlife ayikakachazi ukuthi kungani isikhulu sayo sezimali, uNonhlanhla Khumalo, simisiwe emsebenzini isigubhukane. Le nhlangano itshele i-Scrolla.Africa ukuthi lolu udaba luyimfihlo futhi ngeke lutshelwe abezindaba. NgoLwesihlanu, isikhulu esiphezulu, uSihle Mkhize wazise abasebenzi ngokumiswa kukaKhumalo kodwa wangabeka izizathu.
ECamperdown – UMartin Meyer, onguNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda, uthe ukuboshwa kwamadoda amahlanu kwakamuva eMgungundlovu ngenxa yezenzo eziphathelene neqembu lezigelekeqe zokwakha (construction mafia) kukhombisa inqubekelaphambili ngala maqembu. UMeyer ugcizelele ukuthi ngeke baxoxisane nezigebengu ezifana nalezi.
EThekwini– Inyunyana yabasebenzi iNehawu iqinisa ezomthetho ekubhekaneni noBheki Mtolo, uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal. Inyunyana ifuna u-R2-million wama-dameshe, iphinde ifune uMtolo akhokhele izindleko zecala ezingase zifinyelele ku-R1.5-million. Inyunyana iphinde ifune ukuthi uMtolo axolise emphakathini ngokusola amalungu ayo ngokungenzi kahle mayelana nokulethwa kwezidingo zomphakathi.
ENtuzuma – Ilokishi laseNtuzuma, elisenyakatho yeTheku, sekuphele cishe amasonto amathathu lingenamanzi. Umasipala weTheku ngeSonto uthe le nkinga idalwe uMngeni-Uthukela Water ngenxa yolwelwe obelusemanzini.
Esithombeni esingenhla: Imeya yaBaqulusi, uMnuz Khehla Mkhwanazi, ihamba namanye amakhansela ngesikhathi kuqhubeka isithangami.
Umthombo: Sithunyelwe