USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlonze zesifundazwe.
EThekwini – UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu e-KZN, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uyalele isigungu esiphezulu seTheku ukuthi siguqule isinqumo sokumisa iPhini leMenenja yeTheku uSibusiso Makhanya. UButhelezi uveze ukuthi umkhandlu kuphela onegunya lokumisa izimenenja eziphezulu wanikeza isigungu esiphezulu amahora angu-72 ukuthi sihoxise ukumiswa kaMakhanya.
E-Ballito – I-DA inemizwa ehlukene mayelana nokwakhela iSilo samaZulu isigodlo esisha. Yize kungase kukhuphule umnotho nezokungcebeleka oGwini oluseNyakatho, i-DA izwakalise ukukhathazeka ngokuthi lolu hlelo aluxhasiwe futhi lungase luphazamise umnotho weKwaZulu-Natal odonsa kanzima. I-DA yaphakamisa ukuthi ubukhosi bakwaZulu kumele bubheke izindlela zokuzenzela imali ngendlela efana neyasebukhosini bamaNgisi.
???E-Melmoth – UMasipala waseMthonjaneni ukucacisile ukuthi bayisithupha kuphela kubantu abangu-33 abavele enkantolo ngokukhipha izincwadi zokushayela ezingombombayi abangabasebenzi esikhungweni sokuhlola. Abanye bavele ezikhungweni eziseduze noma bashiya imisebenzi esikhathini esidlule. Abasolwa kuthiwa bebekhokhisa u-R2 500 ukuze bakhiphe amalayisensi angekho emthethweni.
EThekwini – Uphiko lukagesi eThekwini luzothuthukiswa ngempelasonto, okuzokwenza ukuthi ezinye izinsiza zingasebenzi. Lokhu kufaka phakathi uhlelo lukagesi okhokhelwa ngaphambi kokuwusebenzisa, isikhungo sezingcingo, i-city mobile app, kanye nesistimu ye-inthanethi yokubika amaphutha.
EMtubatuba – I-IPF ihloniphe umgcinimafa wayo ongasekho KwaZulu-Natal, uQhina Mkhwanazi, oshone ngoLwesibili. Iqembu lincome uMkhwanazi ngolwazi lwakhe olunzulu ngesiko lamaZulu kanye neqhaza lakhe elibalulekile ekwesekeni iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini osakhothama kanye noNdunankulu weSilo ongasekho, uMntwana uMangosuthu Buthelezi.
Esithombeni esingenhla: UMfundisi Buthelezi utshele isigungu esiphezulu seTheku ukuthi sikuhoxise ukumiswa kukaSibusiso Makhanya.
Umthombo: Sithunyelwe