EzaseKZN ezifingqiwe: U-Eskom uzama ukubuyisela ugesi ngemuva komoya onamandla

USihle Mavuso ukulethela kafushane ezinohlonze esifundazweni.

E-Margate – U-Eskom usuwubuyise ngokugcwele ugesi ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal ezikhahlanyezwe yisiphepho ebesivunguza ngamandla ngeSonto ebusuku nangoMsombuluko ekuseni. Nokho ezinye izindawo okubalwa kuzo iHluhluwe, uNongoma, iPaulpietersburg eZululand, iKamberg neNagle Dam ngaseMgungundlovu awukabuyi ngokuphelele. Imizamo yokubuyisela ugesi edolobheni iMargate isaqhubeka.

EMgungundlovu – I-ANC kanye ne-DA ithole zonke izikhundla zosihlalo bamakomiti esiShayamthetho saKwaZulu-Natal. I-ANC ithathe izikhundla eziyisikhombisa kweziyishumi yathola isikhundla sikasihlalo wosihlalo, esithathwe uDkt Ntuthuko Mahlaba, owayenguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko nonguMgcinimafa we-ANC njengamanje.  IDA, njengengxenye kahulumeni wobumbano lwezifundazwe. ithole izikhundla ezintathu ezisele.

Eshowe – Umasipala wesifunda uMlalazi, kanye namathimba ezinhlekelele esifundazweni kanye nethimba likamasipala wesifunda iKing Cetshwayo, bahlola umonakalo odalwe yimililo yequbula eShowe. IMeya uQueen Xulu ibike ukuthi kushone oyedwa ngesikhathi kusha indlu yakhe. Lo mlilo wequbula ucekele phansi imizi engaphezu kuka-80, izimoto, amapulazi nemfuyo.

E-Ntuzuma – Ilokishi laseNtuzuma, enyakatho yeTheku, lihlangabezane nenye inkinga yamanzi engaqondakali namuhla. Kubikwe ukuphela kwamanzi ngendlela efanayo emalokishini aseLindelani nakwa-Bester kube nomthelela wesikhashana e-Newlands East, e-Parlock nase–Newlands West. Yize umasipala weTheku ububuyisela izinsiza kulezi zindawo, iNtuzuma isaqhubeka nokungabi nawo amanzi.

Esithombeni esingenhla: Amanye amapayipi ka-Eskom alinyazwe wumoya.  

Umthombo: Eskom

Izihloko zakamuva