EzaseKZN ezifingqiwe: Owayengumholi we-NFP uthule du ngokujoyina i-MK

USihle Mavuso ukulethela kafushane ezinohlonze esifundazweni

E-Thekwini – UCanaan Mdletshe, owayengunobhala-jikelele weNational Freedom Party (NFP), akasho ukuthi usejoyine Umkhonto weSizwe (MK) Party. NgoLwesine, ubonakale enabaholi be-MK Party ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseThekwini, lapho i-MK Party ibambene khona ne-ANC embangweni wophawu negama leMK. Utshele i-Scroll.Africa ukuthi akajoyinile iqembu kodwa unentshisekelo ecaleni.

OLundi – Umlilo ubulale amalungu amathathu omndeni wakwaMkhize Ezinyosini, oLundi, ezintatha zangoLwesithathu. Umlilo, okungenzeka ukuthi uqalwe yikhandlela ucekele phansi indlu yabo enamagumbi ayisishiyagalombili kwalimala namanye amalungu omndeni amane. Abashonile nguZibonele Mkhize (55), uNomalanga Mchunu (35) noLisakhanya Mkhize (10) abalimele nguMelokuhle Mkhize (7), uLethokuhle Mkhize (8), uZanobuhle Mkhize (13) noLwandile Hlongwa (14).

E-Dumbe – USibusiso Mkhabela, onguSihlalo kazwelonke we-NFP usebhalele uMengameli wale nhlangano, u-Ivan Barnes, ekhala ngobuholi bakhe. UMkhabela usole uBarnes ngokwenza njengondlovukayiphikiswa futhi akazinaki izinhlaka zeqembu ngezinqumo zakhe.

KwaMashu- UKhomishana wamaPhoyisa uLt General Nhlanhla Mkhwanazi umemezele ukuthi amaphoyisa eSAPS azosebenzisa u-R300-million ukufaka amakhamera KwaMashu naseNtuzuma, ukusiza ukulwa nobugebengu kulezi zindawo ezaziwa ngokuba nezinga eliphezulu lobugebengu. UMkhwanazi umemezele lokhu ngesikhathi kunengqungquthela yobugebengu eThekwini, ebihlelwe nguNdunankulu uThami Ntuli.

E-Madadeni – Inkantolo yesifunda saseMadadeni igwebe uManqoba Dube (29), udilikajele ngecala lokudlwengula owesifazane elokishini lase-Osizweni ngoZibandlela ka-2018. Inkantolo iphinde yakhipha umyalelo wokuthi igama likaDube lifakwe ohlwini lukazwelonke lwabantu abahlukumeza ngokocansi. Amaphoyisa asathungatha owenza naye lobu budlova.

Esithombeni esingenhla: UMdletshe oke wabonakala namalungu e-MK izolo kodwa wathi akakajoyini.

Umthombo: USihle Mavuso

Izihloko zakamuva