EzaseKZN ezifingqiwe: Kusolwa izikhulu zezokwakha ngokubambezeleka kwenkundla yemidlalo

USihle Mavuso ukulethela kafushane ezihamba phambili esifundazweni

E-Richards Bay – Idolobha laseMhlathuze lithembise ukuqeda ukwakha inkundla yezemidlalo zingakapheli izinyanga ezintathu. Kodwa-ke, lo msebenzi uye wabhekana nokubambezeleka ngenxa yezizathu eziningana, okuhlanganisa i-construction mafia, imvula engalindelekile, nezinkampani zokwakha ezimisa umsebenzi inyanga yonke ukuze zifune izinkontileka (subcontracts), okuholele ekubambezelekeni ngezinyanga ezine. Ukusetshenziswa kwalesi sakhiwo njengenkundla ebalulekile ukugubha Usuku Lwamasosha lwango-2023 nakho kubangele ukubambezeleka.

KwaNongoma – Umasipala waKwaNongoma usunqabe amagama abantu akhethwe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (CoGTA) esikhundleni sokuba yimenenja kamasipala kanye nesikhulu esiphezulu sezimali (CFO). I-CoGTA iphakamise uDkt Nontobeko Khambule esikhundleni semenenja kamasipala kanye nabanye abathathu esikhundleni se-CFO. Lokhu kungaboni ngaso linye kuholele ekutheni kube nengxabano yezomthetho, umasipala ulahlwe yicala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

Eshowe – Umasipala wendawo yaseMlalazi (Eshowe) uzimisele ngokugcina umlando wawo oyisibonelo wokuphatha imali yomphakathi futhi uhlose ukugcina amabhuku ehlelekile onyakeni wezimali ka-2023-24. Ngokuhambisana nomasipala iKing Cetshwayo, uMhlathuze, nasoKhahlamba, lo masipala ungomunye womasipala abane esifundazweni ababe namabhuku ahlelekile ngesikhathi sika-2022-23.

E-Jozini – Abazali basesikoleni igugu Lesizwe High, eJozini badinwe bagane unwabu ngemuva kokuthi uthishanhloko eshaye izingane zabo, ezishiya nemihuzuko. Kuthiwa uthishanhloko uMavundla ujezise abafundi ngokulova ngaphandle kwemvume. Abazali bafuna uMnyango wezeMfundo esifundazweni umthathele izinyathelo.

E-Dannhauser – Ezinyangeni ezine kudlule emhlabeni ikhansela kumasipala wendawo yaseDannhauser, i-ANC ayikasivali lesi sikhundla. USiphelele Kunene, owayengumholi wophiko lwentsha ye-ANC esifundeni iMbuso Kubheka, usebenze njengekhansela elibekwe yiqembu ngokwesibalo samavoti (proportional representative) waze washona engozini yemoto ngoNhlaba. Ukungaboni ngaso linye kulesi sifunda kuthiwa kuzobambezela ukukhethwa kozovala isikhala sakhe.

Esithombeni esingenhla: Imeya yedolobha uMhlathuze ichaze ukuthi kunezinto ezahlukene ezidale ukubambezeleka yokuqedwa kwenkundla yezemidlalo.

Umthombo: USihle Mavuso

Izihloko zakamuva