EzaseKZN ezifingqiwe: Kusayinwe isivumelwano sokusebenzisana kwezokongiwa kwemvelo

USihle Mavuso ukulethela kafushane ezinohlonze esifundazweni

KwaMhlabuyalingana – Umphakathi wakwaTembe ngasemngceleni we-SA neMozambique engxenyeni esenyakatho yesifundazwe usayine isivumelwano sokusebenzisana ne-Ezemvelo KZN Wildlife kanye ne-Peace Parks Foundation ukuze uhlole izinhlelo eziningi zokongiwa kwemvelo nezokungcebeleka ezinenzuzo endaweni. Ngokuhamba kwesikhathi, uma ucwaningo luphumelela, umngcele ophakathi kweTembe Elephant Park kanye neMaputo National Park uzosuswa ukuze kuvunyelwe izilwane zasendle ukuba zizulazule ngokukhululeka phakathi kwamapaki amabili.

EThekwini– I-EFF e-KZN ithi uhlelo lokuthi amalungu ayo avuselele ubulungu bawo ngaphambi kwe-National People’s Assembly ngoZibandlela ka-2024 luyaqhubeka. Leli qembu lengeze ngokuthi lokhu kwenzelwa isiqiniseko sokuthi wonke amalungu alo ayabalwa nokuthi amandla eqembu esifundazweni ayaziwa.

EMgungundlovu– Inhlangano yeNational School Nutrition Programme (NSNP) income uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, ngokumisa isinyathelo sokunikeza uhlelo lokuphakela izingane ukudla ezikoleni luka-R10 billion kumhlinzeki oyedwa. Inhlanvano ithi lolu hlelo kumele luhlomulise abaningi abasohlangothini lwe-value chain. Iqhube yathi kwafundwa isifundo esinzima KwaZulu-Natal ngesikhathi lolu hlelo lufakwa endaweni eyodwa ngo-2022.

E-Vryheid – USotswebhu we-DA kumasipala waseBaqulusini usebhalele uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, ecela ukuthi kuphenywe ngamaphoyisa eSAPS aseVryheid. Ikhansela uMnuz Swelakhe Shelembe libhalele uMkhwanazi ngemuva kokuthi umphenyi esule amacala abebethweswe wona abasebenzi bakamasipala abasanda kuboshelwa ukweba amakhebuli. Uthi lokhu kuwubufakazi obusobala bendlela amanye amaphoyisa asebenza ngayo nabasolwa ngobugebengu.

E-Verulam – UMnyango wezeMfundo esifundazweni uphenya ngesigameko sokuhlukunyezwa esikoleni iVerulam Secondary enyakatho yeTheku. Kulesi sigameko kuqoshwe umfundi eshaya omunye. Umnyango uthi uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi bonke abafundi bayavikeleka ngesikhathi besesikoleni, yingakho kumele kwenziwe uphenyo ngokushesha.

Isithombe esingenhla: Ukusayinwa kwememorandamu yokuvumelana ukubambisana ekugcinweni kwemvelo KwaMhlabuyalingana.

Umthombo: USihle Mavuso

Izihloko zakamuva