EzaseKZN ezifingqiwe: Kumiswe izikhulu eziphezulu zemiSebenzi yoMphakathi ngenxa yenkohlakalo

USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlonze esifundazweni

EMgungundlovu– UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi esifundazweni usumise izikhulu ezintathu ngezinsolo zenkohlakalo. Lezi zikhulu ngu-Z. Zondi ongumqondisi we-supply chain management (lapho kukhishwa khona amathenda), u-Z. Dlamini, isikhulu esiphezulu sezezimali kanye no-Z. Pfute, ibamba lesekela lomqondisi-jikelele lokuphathwa kwengqalasizinda kanye nezinsizakalo zobuchwepheshe. Lokhu kulandela ukumiswa kweNhloko yoMnyango, uMnuz Siboniso Majola.

Emlazi – UBhamuza Mnyandu, ongumsunguli wenhlangano, Amadelangokubona Business Forum, ukuchithile ukuthi wayethatha imali yokuvikela kubadayisi basemalokishini. Uthe inhlangano yakhe iyaphikisana nalo mkhuba futhi ukulungele ukusiza amaphoyisa ukubamba labo abenze lokhu. UMnyandu uphinde wathi akacashile futhi akakwesabi ukufa, wengeza ngokuthi onogada bakhe bamele ukuphepha kwakhe njengosomabhizinisi.

E-Newcastle – Umama kaMbuso Kubheka, iqhawe le-ANC, akasekho emhlabeni ngemuva kokugula isikhathi eside. Isifunda se-ANC eNewcastle siqanjwe ngoKubheka, kodwa ngaphambi kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba, unina wagxeka i-ANC ngokusebenzisa isibongo sakhe ngaphandle kwemvume yomndeni.

KwaNongoma – Ibamba lemenenja kamasipala uNhlakanipho Zulu kanye nesikhulu esiphezulu esibambile kwezezimali uBrian Dube basezikhundleni zabo yize kufakwe isicelo sokuthi basuswe enkantolo. UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni uthi baqokwe bengenazo iziqu zokuhola lo masipala nomnyango wezezimali.

Esithombeni esingenhla: UMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi oholwa nguMnuz Martin Meyer usumise izikhulu ezintathu.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva