USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlonze esifundazweni.
KwaNongoma– I-National Freedom Party (NFP) eZululand ifuna amaphoyisa axazulule ngokushesha
ukubulawa kwesishoshovu uMusa Ndwandwe endaweni yaseMusi ngaKwaNongoma. Utholwe edutshuliwe eseshonile la ahlala khona. Ukushona kwakhe kungase kuhlotshaniswe nengxabano eyaqala ngesikhathi omunye umfana wesikole egwazwa omunye.
EThekwini – I-DA eThekwini ikhathazekile ngezinhlelo ze-ANC zokuvimba ukuhlinzekwa kwamanzi. Bathi
iTheku lihlulekile wukulawula ukuphela kwamanzi manje kumele izakhamuzi zithwale kanzima. Amanzi amancane angalimaza amasistimu endle.
E-Richards Bay – UNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uMartin Meyer kanye neMeya yaseMhlathuze uXolani Ngwezi bavumile ukusebenzisa izindawo ezingenalutho zombuso ukwakha izindlu. Bazophinde babhekane nezindlu zombuso okuhlalwa kuzo ngokungemthetho.
KwaDukuza– Lowo owayeyilungu le-Cope uSiyanda Mhlongo usegxeke i-ANC ngokuhoxisa esikhundleni
iMeya uLindiwe Nhaca. UMhlongo uthi ukukhishwa kwakhe akukho mayelana nezakhamizi kodwa kumayelana nabaholi be-ANC abafuna ukuthola izigidigidi zomasipala ezingqungqutheleni zokukhetha ubuholi.
EMdoni – UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfundisi uThulasizwe Buthelezi uhlangane nomkhandlu waseMdoni ukuzophinda adingide ngozinzo. Lokhu kulandela ukwesula esikhundleni kwemenenja kamasipala uThabisile Ndlela kanye nomphathi wezezimali uMahendra Chandulal. UButhelezi uqoke uDhanpalan “DD” Naidoo ukusiza ukuxazulula izinkinga zikamasipala.
Esithombeni ngenhla: Kudutshulwe kwabulawa uMusa Ndwandwe waKwaNongoma elapho ehlala khona.
Umthombo: Uthunyelwe