EzaseKZN ezifingqiwe: Kuboshwe ungqondongqondo wokudunwa kwamaloli

USihle Mavuso ukulethela kafushane ezinohlonze zosuku esifundazweni.

E-Verulam – IReaction Unit South Africa (Rusa), inkampani yonogada ezimele eVerulam, ibophe indoda yase-Zimbabwe okukholakala ukuthi ingumholi weqembu lezigebengu ezeba amaloli. Umsolwa uthola imisebenzi ezinkampanini zamaloli, bese entshontsha iloli nomthwalo walo ngemuva kwamasonto ambalwa. Ube esedlulela ezifundazweni ezahlukene ukuze angabanjwa.

E-Waterfall – Izakhamuzi zaseWaterfall eThekwini zikhathazekile ngemuva kokuqubuka komlilo wequbula eduze kwemizi yazo ngoLwesine ekuseni. Izicishamlilo zikaMasipala weTheku ziyazama ukuwunqanda lo mlilo. Lokhu kuza ngemuva kokushona kwabantu abangu-14 ezingozini zomlilo wequbula muva nje KwaZulu-Natal. ISouth African Weather Service isixwayise ngokuthi umoya onamandla ungadala eminye imililo.

E-Thekwini– INational Sea Rescue Institute itakule itilosi (sailor) lase-Philippines ebelilimele emkhunjini obulibangise eThekwini. Ithimba liphume laya olwandle, lavikela i-sailor yayiswa esibhedlela. I-sailor isesimeni esibucayi.

KwaDukuza – I-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza (Ilembe) igxeke owayengumholi weCope uSiyanda Mhlongo ngokubhala incwadi evulelekile ephikisana nobuholi be-ANC kuzwelonke. Incwadi kaMhlongo ikhuluma ngezinto ezithinta i-ANC KwaDukuza naseThekwini. Isifunda se-ANC simchithile uMhlongo sathi wazuza udumo ngokusebenzisa budedengu izinsiza zeqembu nokwenza sengathi weseka lowo owayenguMengameli uThabo Mbeki.

E-Mzumbe – USbonelo Maphumulo, owayenguSomlomo we-ANC eMzumbe ojoyine iqembu loMkhonto weSizwe (MK), wathengela iwadi yakhe, kuWadi 11 i-transformer, eyanza wavotelwa wachitha ne-ANC ngenyanga edlule. Lesi sigceme sesine-transformer entsha esibalekelela njengoba bebebhekene nenkinga kagesi izinyanga ezimbili

Esithombeni esingenhla: IRusa ibopha umsolwa ngemuva kokumlandela eThekwini.

Umthombo: IRusa

Izihloko zakamuva