UCelani Sikhakhane ubika izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.
E-Richards Bay – UNdunankulu weSilo samaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, usencome amaphoyisa ngokubopha uMntwana uLungalomndeni Zulu mayelana necala lokwebiwa kwezokumbiwa phansi okungabiza inani lika-R26 million. UMntwana uLungalomndeni, ongumseki oqavile waloyo ofuna ubukhosi bukaZulu uMntwana uSimakade kaZwelithini, ophuma ebukhosini bakwaZiphethe, uboshwe nabanye okuthiwa ubesebenzisana nabo abayisithupha. UButhelezi, ophinde abe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uthe ukuboshwa kwalaba kukhombisa ukuthi abomthetho bayadlondlobala ngamaqembu ezigebengu ezisabisa imiphakathi ethembele kwiRichards Bay Minerals (RBM). “Kuyacaca ukuthi uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika manje selunamandla okumelana nezigebengu ezifana noMntwana uLungalomndeni, usho kanje. Ungeze ngokuthi lokhu sekudale umonakalo omkhulu emnothweni wesifundazwe.
E-Harry Gwala District – Osopolitiki be-ANC bayangenelela ukusiza abafundi baMatikuletsheni ukulungiselela izivivinyo zabo zokuphela konyaka esifundeni. Lolu hlelo luqala ngoLwesithathu, lapho uNobhala wesifundazwe uMnuz Bheki Mtolo ehambisana nabaholi bendawo behambela izikole. Okhulumela i-ANC uMnuz Mafika Mndebele unxuse abazali, izigungu ezilawula isikole nemiphakathi ukuthi basebenzisane nabomthetho ukuqinisekisa ukuphepha kwabafundi, ikakhulukazi abafunda ebusuku.
E-Ladysmith- Abazali besikole iDr Joseph Shabalala High School baphazamise ukufunda besola uthishomkhulu ngokusebenzisa budedengu imali yesikole. Amaphoyisa kudingeke ukuthi amphelezele uthishomkhulu ephuma esikoleni ukuze kunqandwe ukuthi kungaqhubeki uthuthuva.
E-Vryheid – I-ANC kuMasipala waseBaqulusini ifake ivoti lokungabethembi ubuholi bukaSomlomo uNonkululeko Ndlela imsola ngokwehluleka ukwenza umsebenzi wakhe. Lokhu kuza ngemuva kokuthi kufakwe isiphakamiso esifuze lesi kuMasipala waseNdumeni lapho i-ANC ifuna kukhishwe uSomlomo ngenxa yokuhluleka ukubiza imihlangano yomkhandlu.
Esithombeni esingenhla: UMntwana uLungalomndeni Zulu wendlu yobukhosi bakwaZiphethe kanye nembangi yobukhosi uMntwana uSimakade kaZwelithini.
Isithombe: TikTok