USihle Mavuso ukwethulela kafushane ezinohlonze esifundazweni
EMtubatuba – Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe umsolwa ecaleni lokubulala u-Innocent “Killer” Mkhwanazi, ikhansela le-IFP ebelaziwa eMtubatuba futhi ebeliyilungu lomndeni wasebukhosini bakwaMkhwanazi. UMkhwanazi wahlaselwa wadutshulwa wabulawa ngoNtulikazi ka-2023 ehamba nonogada bakhe emgwaqeni uMtubatuba-St Lucia. Umsolwa uvele enkantolo izolo kodwa ubengakalivumi noma aliphike icala.
E-Ntuzuma – Amaphoyisa abophe abasolwa abayisithupha abathinteka ecaleni lokubulawa kukaNobhala we-ANC kuWadi-53 eMzinyathi, eThekwini. Laba baboshwe ngoLwesibili ekuseni ngemuva komkhankaso wamaphoyisa wokubathungatha, kanti batholwe becashe eMzinyathi. Umsolwa wesikhombisa ubalekile kanti namanje usagcwele amathafa, amaphoyisa asezithendeni zakhe.
E-Ladysmith – Udlame lwamatekisi eMnambithi seluthathe omunye umphefumulo. NgoLwesibili ekuseni kudutshulwe kwabulawa umnikazi wetekisi uTen Ten Gamede. UGamede ubeyilungu likasoseshini waseKlipriver kanti ubesekomitini noMnuz Bhekuyise Masondo owabulawa nonogada bakhe eshayela enkabeni yedolobha ngoMfumfu nyakenye.
EMgungundlovu – I-DA KwaZulu-Natal ithi ukumiswa kukaSboniso Majola, inhloko yoMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, ngeke kubambezele uNgqongqoshe uMartin Meyer nethimba lakhe njengoba bematasa benza izinguquko ezibalulekile. I-DA iphinde yasamukela isethembiso sikaNgqongqoshe sokubeka izinto obala nokusebenzisana ngokugcwele neziphathimandla eziphenya ngamacala abekwe uMajola.
E-Nquthu – Umfundisi ophinde abe inyanga ugwetshwe odilikajele abahlanu kanye neminyaka engu-30 ejele ngamacala amaningi okudlwengula phakathi kukaMfumfu ngo-2020 noNcwaba ka-2022. Abagilwa bakhe bebeneminyaka engu-15, 17, no-18 ubudala. Ubejwayele ukubatshela ukuthi bathakathiwe futhi udinga ukulala nabo ukuze baphile. Ubephinde abasabise ngokuthi uma bekhuluma ngeke balulame.
Esithombeni esingenhla: U-Innocent “Killer” Mkhwanazi, owabulawa ngoNtulikazi nyakenye.
Umthombo: Sithunyelwe.