USihle Mavuso ukulethela kafushane ezinohlonze esifundazweni
E-Mgungundlovu – IKomidi loSokhemisi abangasebenzi e-KZN lithi uMnyango wezeMpilo esifundazweni kanye noNgqongqoshe uNomagugu Simelane bazishaya indiva izicelo zabo zokuqashwa. Lokhu kulandela isithembiso esenziwa ngaphambi kokhetho ngesikhathi beqhinqe emahhovisi oMnyango sokuthi uMnyango uzofuna uxhaso ngemuva kokufakwa kweKhabhinethi entsha kazwelonke. Baphinde basola ukuthi inhloko yomnyango, uDkt Sandile Tshabalala ayilunakile usizi lwabo.
E-Thekwini – Inyunyana yabasebenzi bezimo eziphuthumayo iSouth African Emergency Personnel Union (Saepu) isivikele iNehawu ngemuva kokuthi uNobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Bheki Mtolo esole inyunyana ngokungahambi kahle kwama-ambulensi. ISaepu ukhumbuze uMtolo ukuthi amalungu eNehawu awagxekayo yiwona anakekela abaningi ngesikhathi sokubheduka kweCovid-19 futhi “azomnakekela uma ukugula ngengqondo kubuya.”
E-Adams – Izakhamuzi zase-Adams eningizimu yeTheku, seziqale incwadi yezikhalazo zokuthi zifuna amanzi angcono, ugesi kanye nokuqoqwa kukadoti ngumasipala weTheku oholwa yi-ANC. Bafuna kulungiswe nemigwaqo eyacekeleka phansi ezikhukhuleni zikaMbasa ka-2022 kuphinde kwandiswe amaphoyisa emigwaqeni ukuze kuliwe nobugebengu obudlangile.
E-Nquthu – Inkosi uSebatha engumlandeli weMK egijima yodwa isuka eLimpopo iya eNkandla ifuna owayenguMengameli uJacob Zuma aqhubeke nokulwela ukuthi kubanjwe ukhetho olusha, isizoqeda uhambo lwayo. Usefike eNquthu, ebangeni elingamakhilomitha angu-200 ukusuka kubo kaZuma, kanti kulindeleke ukuthi afike eNkandla ngoLwesihlanu ukuze amukelwe abalandeli beMK abajabule.
E-Mgungundlovu – I-ActionSA eThekwini iyaphikisana nokuhlukaniswa kwekomidi lezokuhlaliswa kwabantu kanye nengqalasizinda esiShayamthetho sesifundazwe. Leli qembu lIthi lesi sinqumo sigqugquzela umhobholo wepolitiki nokwabelana ngamandla nakuba isiShayamthetho sithi lokhu kuzosimamisa ukuhlinzekwa kwezidingongqangi.
Esithombeni esingenhla: IKomidi Losokhemisi abangasebenzi eKZN elithi abanakwa.
Umthombo: Facebook