USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlonze esifundazweni
EMgungundlovu – UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda ususungule ithimba lesikhashana elizophenya ngokubambezeleka kwezinhlelo ezingu-38 KwaZulu-Natal ezingabiza u-R100-million. Leli thimba lizophinde ligxile ekukhokheleni osonkontileka abamise umsebenzi ngoba bengakhokhelwanga. Ngesonto eledlule kumiswe izikhulu ezintathu okubalwa kuzo isikhulu sezimali kanye nenhloko yophiko olubhekele ukuhlinzekwa kwezidingongqangi. Inhloko yomnyango nayo imisiwe muva nje.
EThekwini – Uphiko lwentsha ye-ANC eThekwini lucela intsha engasebenzi ukuthi ihlanganyele nalo ngoLwesithathu ngomhlaka-18 kuMandulo, eDurban City Hall ukuze ihambise ama-CV ayo ezikhulwini zikamasipala. Lokhu kungemuva kokuthi umasipala uhlulekile ukuphendula zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa kwimemorandamu mayelana nokuntuleka kwemisebenzi.
E-Melmoth – Osomabhizinisi baseMelmoth baxwayiswe ukuthi bazilungiselele ukunqanyulwa kukagesi ngoLwesithathu njengoba uMasipala uMthonjaneni uzocisha ugesi okwesikhashana ukuze kulungiswe ingqalasizinda ebalulekile yawo.
KwaDukuza – I-DA KwaDukuza igxeka imenenja kamasipala, uMnuz Nhlanhla Mdakane, ngokuchitha isicelo sokuveza obala amarekhodi asetshenziswa ukuqasha uThembela Nxumalo njengomqondisi omkhulu weCivil Engineering. Ikhansela le-DA, uPrivi Mahan, lithi lokhu kukhombisa izimfihlo, futhi bafuna kucaciswe uhlelo lokuqashwa.
EMtubatuba – I-EFF idlulise amazwi enduduzo ku-IFP ngemuva kokudlula emhlabeni kukaMgcinimafa wayo eKZN uQhina Mkhwanazi, obephinde abe yikhansela eMtubatuba. I-EFF income iqhaza elibalulekile likaMkhwanazi kwezombusazwe kanye nokuhlonishwa akutholile.
Esithombeni esingenhla: Ithimba elijutshiwe lizobheka amaphrojekthi asamile njengalolu lwaKwaNongoma.
Umthombo: Sithunyelwe