EzaseKZN ezifingqiwe: Isikhulu sepaki sinikezwe isaziso sokumiswa emsebenzini 

USihle Mavuso ukulethela ezakamuva ezenzeka esifundazweni.  

E-Thekwini – UMnyango wezamaPaki nezokuNgcebeleka kaMasipala, ongomunye weminyango emikhulu nebaluleke kakhulu kumasipala weTheku ungene esimweni esibucayi ngemuva kokuba inhloko yawo, uDkt Simphiwe Ndlovu enikezwe isaziso sokuwumiswa. UNdlovu usolwa ngokudla imali yabakhokhi bentela ethenga utshwala ngesikhathi kunomcimbi ngoZibandlela. UMnyango ubuvele udumele ngemuva kokuthi abaphathi bawo abaphezulu bebhalele umphathi kamasipala uMnuz Musa Mbhele bemcela ukuthi angenelele kulandela izinsolo zokuphathwa kabi kwekomiti lezemisebenzi yomphakathi eliholwa ikhansela uZama Sokhabase we-ANC. Abasebenzi basola ukuthi ikomiti libaphatha njengezingane ezisacathula ngesikhathi kunemihlangano futhi ligunyaze ukuthi kwenziwe uphenyo olunzima ngabo.  

E-Mgungundlovu – Idolobha lase-Midlands selithole ukunakwa emhlabeni jikelele ngokungaphephi kwalo. Umbiko wakamuva we-Visa Guide World ubeke uMgungundlovu phakathi kwamadolobha emhlabeni okungekho kakhulu ukuphepha kuwo. Lesi sikhundla esishaqisayo uMgungundlovu ukuso ngendlela ecishe ifane namanye amadolobha angaphephile kuleli okuhlanganisa iGoli nePitoli.  

E-Newcastle – Ube nezinxushunxushu umhlangano womphakathi ewadini lesi-28, obizwe usomlomo kumasipala wendawo yase-Newcastle uThengi Zulu. Kulo mhlangano bekunezinxushunxushu nokuholele ekutheni uZulu nethimba lakhe lonogada bahambe singakafiki isikhathi. Kuyimanje leli wadi libhekene nombango wobuholi. Olunye uhlangothi lwe-Team Sugar South Africa luthi uMusa Thwala uxoshiwe, nokwenze umasipala wamemezela isikhala sokhetho lokuchibiyela. Kodwa-ke, amalungu omphakathi afunge agomela ukuthi uThwala useyikhansela lawo, okwenza kube nokudideka nokushuba kwesimo endaweni. 

E-Port Shepstone – Kume nse yonke into edolobheni elisogwini oluseningizimu i-Port Shepstone cishe engxenyeni yosuku lonke lwanamuhla. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi abashayeli nabanikazi bamatekisi bevale yonke imigwaqo emikhulu bebhikishela izimvume zokusebenza. Abatelekile bavumele izithuthi zeziguli kuphela ukuthi zidlule.  

E-Nanda – Isizinda se-ANC elokishini laseNanda, enyakatho yeTheku sesiphenduke indawo yakamuva ehlaselwe ukuphela kwamanzi. Ngokusho kwezakhamizi, lokhu kuphela kwamanzi kuhlasele izindawo ezifana neBhambayi, i-Amaoti, i-Matikwe kanye neNgoqokazi. Ukuphela kwamanzi kuqale izolo ebusuku kanti izakhamizi zithi azazi ukuthi amanzi azobuyiselwa nini. 

Esithombeni esingenhla: Omunye weminyango emikhulu eThekwini ubhekene nezinxushunxushu zobuholi.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva