EzaseKZN ezifingqiwe: Iqembu lezigelekeqe lezokwakha lithumela inhlamvu kumphathi weprojekthi

USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlinze esifundazweni sonkana

EMlazi – Iqembu lezigebengu le-construction mafia lizame ukumisa ukuthuthukiswa kwesikole iMenzi High eMlazi okuzosetshenziswa u-R37 million ukuyilungisa ngokusabisa umphathi weprojekthi ngenhlamvu ethunyelwe emvilophini. Bafune u-30% wemali yohlelo ngaphandle kokwenza noma yimuphi umsebenzi. Ngenxa yokuphazamiseka okudalwe yilezi zigebengu, lo msebenzi, obekufanele uphothulwe ngoZibandlela nonyaka, uhlehliselwe uNdasa ka-2025.

EThekwini – Inhlangano i-ActionSA isizwakalise ukukhathazeka ngemuva kokuthi iPhini likaNgqongqoshe wezeziMali uDavid Masondo etshele iPhalamende ukuthi uMnyango wezeziMali noma uhulumeni waseKZN abanazo izinhlelo zokuxhasa ngemali Ithala SOC Ltd. Iqembu liyasaba ngoba amakhasimende ase-Ithala angase abhekane nezinkinga ezifanayo nezebhange eseliwile i-VBS.

Estcourt – Ilungu lesikhombisa loMkhonto weSizwe (MK) elishone engozini yemoto ngaseNkandla lizofihlwa ngale mpelasonto. Ingozi eyenzeke emasontweni amathathu edlule, iphinde yadlula nomphefumulo kamama kaThembisile Mazibuko. Ukungcwatshwa kwakhe kubambezelekile ngenxa yokulindwa kokuhlolwa kolibofuzo kwezidumbu njengoba zasha kakhulu kule ngozi.

E-Drakensberg – ISouth African Weather Service isixwayise ngeqhwa kanye nesimo sezulu esibanda kakhulu kule mpelasonto ezingxenyeni ezithile ze-KZN. Amadolobha angase athinteke kubalwa iKokstad, iBergville, iWinterton, iLadysmith, iNewcastle, iVryheid ngasezintabeni zoKhahlamba.

EThekwini – Umasipala weTheku uyaqhubeka nokudiliza izindlu zokukhosela ezakhiwe ngabantu abangenamakhaya nabadla izidakamizwa enkabeni yedolobha. Lokhu kuyingxenye yomzamo wokuthuthukisa ukuphepha nokuhlanzeka kwedolobha ngaphambi kwesikhathi samaholidi, ikakhulukazi ezindaweni ezifana nemakethe yesifunda kanye ne-Albert Park, lapho ukusetshenziswa kwezidakamizwa kudlange khona.

Esithombeni esingenhla: Ukulungiswa kweMenzi High School eMlazi okubiza u-R37 million kuphazanyiswe yi-contruction mafia.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva