UCelani Sikhakhane ubika izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.
EThekwini – Icala lokubulala umrepha uKiernan “AKA” Forbes kanye nomngani wakhe uTebello Motsoaneng lizodlulela eNkantolo ePhakeme yaseThekwini, lizoqala ukuqulwa ngomhlaka-8 kuNhlaba ka-2025. Abasolwa abahlanu bavele enkantolo ngoLwesihlanu. ULindokuhle Thabani Mkhwanazi, (30), uLindani Zenzele Ndimande, (35), uSiyanda Eddie Myeza, (21), uMziwethemba Harvey Gwabeni, (36), noLindokuhle Lindo Ndimande (29), babhekene namacala okubalwa kuwo elokubulala, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nelokuzama ukubulala abanye abantu abahlanu. Manje baphinde babhekane namacala okushushumbisa imali.
EMandeni – UNgqongqoshe weziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi usencome amaphoyisa ngokubamba amadoda amabili asolwa ngokubulala ikhansela lewadi uPhendukani Mabhida nokuzama ukubulala udadewabo. Amaphoyisa afice la madoda nezibhamu ezingekho emthethweni ngesikhathi eqaphe eSundumbili.
E-Mayville – UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli uzohola umhlangano wezinsuku ezimbili ozobhekana nokulwa nobugebengu ngomhlaka-8 no-9 kuNhlolanja ka-2025 eMnyangweni Wezemisebenzi Yomphakathi e-Mayville. Lo mhlangano uzohlanganisa uhulumeni wesifundazwe, izinhlangano zomphakathi, nezigungu zikazwelonke ukuze kucatshangwe izindlela ezingcono zokunqanda ubugebengu.
Esithombeni esingenhla: Amadoda amahlanu asolwa ngokubulala umrepha uKiernan Forbes noTebello Motsoane, Icala labo lisusiwe eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Umthombo: Ifayela