Ezase-KZN ezifingqiwe: Ugwetshwe iminyaka engu-25 ejele obandakanyeka ekubulaweni kwephoyisa

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili esifundazweni

E-Port Shepstone – Omunye wabasolwa abahlanu abathinteka ekubulaweni kukaStudent Constable Mzimasi Hloba (28), ozinze e-SAPS yaseKokstad, ngase-Ibisi ngoNhlolanja nyakenye, ulivumile icala wagwetshwa iminyaka engu-25 ebhadla ejele. UMonde Nyathi (33) uzoqala ukudonsa isigwebo sakhe ngesikhathi ozakwabo belindele ukuqulwa kwecala ngoMfumfu kulo nyaka. UNyathi nabehamba nabo basolwa ngokubulala uHloba ngesikhathi enenkinga yemoto emgwaqeni u-R56 bamgebenga nomngani wakhe wesifazane. Uphenyo olude lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kwabo ngemva nje kosuku bembulele.

E-Ladysmith – Njengoba kuqhubeka kuphuma eminye imininingwane mayelana nokuthi ngobani abantu abayisishiyagalolunye abadutshulwe eMnambithi ngoMsombuluko, sekuvele ukuthi omunye walaba besifazane ubenguthisha esikoleni samabanga aphansi iNgcede kule ndawo. Lokhu kubhalwe esitatimendeni samazwi enduduzo esithunyelwe uMnyango wezeMfundo esifundazweni ngoLwesine. UMnyango lothisha umbize ngoNkk Thusi nje kuphela kanti igama lakhe alishiwongo. NgoLwesihlanu uNgqongqoshe walo Mnyango, uMnuz Sipho Hlomuka nozakwabo wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMbali Shinga bazovakashela umndeni wakwaThusi ukuyowududuza ngokusemthethweni ngemuva kwale nhlekelele ahlaselwa khona wabulawa kanye nabanye abayisishayagalombili, behamba ngemoto eyiveni. 

E-Thekwini– UNgqongqoshe omusha wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi usekhuthaze omasipala bezifundazwe ukuthi bakhe izindlela zokugqugquzela abantu ukuthi bakhokhele izidingongqangi abazisebenzisago. Emsebenzini wakhe wokuqala omkhulu ngemuva kokuqokwa kwakhe ngoLwesibili, uButhelezi ubekhuluma engqungqutheleni kamasipala yokuqoqwa kwemali eThekwini. Uthe uMcwaningimabhuku-Jikelele uphawule embikweni wakhe ukuthi omasipala abaningi badonsa kanzima ukuqoqa imali kubakhokhi bentela. 

E-Mgungindlovu– Inyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers Union isinikeze izeluleko kuNgqongqoshe wezeMfundo omusha uSipho Hlomuka njengoba esezinzile esikhundleni sakhe. Inyunyana ithe kumele ahloniphe izingxoxo futhi azibophezele ekuthuthukiseni izimo zokusebenza zabo bonke abasebenzi, okuhlanganisa othisha, izisebenzi (administration), othisha bakwaGrade R, onogada kanye nabasebenzi bonke nje jikelele. Ngaphezu kwalokho inyunyana ithe kumele amukele izinyunyana nezinye izinhlaka ezithintekayo futhi abenzisane nazo ukusimamisa umnyango uqhubeke nokuqinisekisa ukuthi isimo sezikole siyakweseka ngempela ukufundiswa kwemfundo esezingeni. Iphinde yathi kumele avale zonke izikhala zokufundisa, abangafundisi nabasehhovisi. Okunye okubalulekile ukuthi kumele abhekelele ukungakhokhelwa kwezimali ezikoleni njengoba kubeka othishanhloko enkingeni, bagcine sebeqhuba izikole ngamaphakethe abo.

E-Thekwini– I-DA eThekwini ithi umbiko wakamuva wesigaba 71 uqinisekisa ukwehluleka kukamasipala ophethwe yi-ANC ukulungisa ingqalasizinda ewohlokayo. Ngakho-ke ihlela ukuhlanganisa uhlu lweziphakamiso ezizolethwa kumphathi wedolobha, uMusa Mbhele, mayelana nesabelomali esinzima kanye nokutshalwa kwezimali ekuphathweni kwempahla. Lokhu kubandakanya izindleko ezinkulu eziyisisekelo nokuhlinzeka idolobha ngezinsiza, okuhlanganisa nengqalasizinda. Iqembu eliphikisayo likugcizelele ukuthi ngokomlando idolobha lehlulekile ukuhlangabezana nesilinganiso esijwayelekile, esingu-10%>20%, kanye nokulungiswa nokugcinwa esimweni kwengqalasizinda, nakho okungaphansi kwesilinganiso esingu-8%.

Isithombe esingenhla: isezitokisini. 

Umthombo: Amasheya

Izihloko zakamuva