Ezase-KZN ezifingqiwe: Inkampani yonogada ibhidliza izindlu zikanokusho ezingekho emthethweni

USihle Mavuso ukulethela kafushane ezinohlonze esifundazweni. 

E-Stanger – Kubhidlizwe izindlu zikanokusho ezingaphezu kuka-15 ezakhiwe ngokungemthetho emhlabeni wabantu abazimele e-Stanger enyakatho yeTheku. Kulindeleke ukuthi eminye imizi ibhidlizwe endaweni yase-Memory ngemuva kokuthi umnikazi wendawo ethole incwadi yenkantolo yokuzicekela phansi. Kunezinsolo zokuthi ikomidi lezakhamuzi yilona elidale ukwebiwa kwepulazi elingenamuntu ngokungemthetho nokudayisa iziza kubantu abaphelelwe yithemba ababehlose ukwakha imizi eduzane nendawo yezomnotho e-Stanger. Umnikazi wendawo ongahlali kule ndawo, utshele ikomidi ukuthi liyeke kodwa laqhubeka ladayisa izindawo. Ube esethola incwadi yenkantolo waqasha inkampani yonogada ukuthi ibhidlize lezi zindlu. 

KwaMashu – Amaphoyisa azingela iqulu lentsha elihlomile KwaMashu, eThekwini, elibonakale kwividiyo ligebenga umshayeli weloli nomsizi wakhe emgwaqeni ophithizelayo uDumisani Makhaye oxhuma ilokishi elidume kabi ne-Pinetown. Ividiyo isabalele ezinkundleni zokuxhumana. Abantu bakule ndawo bathi intsha ayigcini ngokugebenga abashayeli abadlulayo kuphela kodwa nabahamba ngezinyawo abasebenzisa ibhuloho elixhumanisa iKwaMashu nelokishi laseKhabazela. Kuthiwa baphinde babamba inkunzi abahlala ehostela laKwaMashu nemindeni emigwaqeni u-Duffs Road naseShayamoya.  

E-Mgungundlovu – Umxhumanisi weqembu loMkhonto weSizwe (MK) esifundazweni, uThobani Zuma, uthi labo abagqugquzela umkhankaso omubi wokungcolisa igama lakhe ngosomathuba abangafuni ukuhambisana neqembu futhi balandele imithetho ebekiwe. Encwadini ayibhalele amalungu lapho uZuma ephendula izinsolo zokuthi utshala uqhekeko eqenjini futhi nguyena odale ukuthi kushintshwe isigubhukane uhlu lwabo esiShayamthetho ngeledlule, uthe azilona iqiniso izinsolo ezisabalele ngaye. Uveze ukuthi usenawo amagama abaholi abathathu baleli qembu abazame ukuheha omunye wamalungu aphezulu e-ANC esifundazweni ukuthi asebenze nabo ngaphakathi esiShayamthetho. UZuma akahlobene nowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ohola iqembu i-MK.

E-Ladysmith – Isibalo sabashonile esigamekweni sokudubula esenzeke ngoMsombuluko ebusuku sesinyuke safinyelela kwabayisikhombisa. Lokhu kungemuva kokuthi uMnuz Dumisani Thusi oyilungu elihamba phambili emndenini wakwaThusi nongumnikazi wamatekisi owaziwayo eMnambithi eshonele esibhedlela izolo ebusuku. Unkosikazi kaThusi, oshonele endaweni yesigameko, ubenguthisha owaziwayo eNgcede Primary School kuyona le ndawo. Abasolwa ngokubulala basagcwele amathafa.

E-Mgungundlovu – I-KwaZulu-Natal Private Ambulance Association ithi ishaqekile ngesinqumo sokuqokwa kabusha kukaNomagugu Simelane-Mngadi njengoNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni. UMengameli walo soseshini, uMnuz Andile Nduli, uthi izinsuku zokugcina zikaNgqongqoshe zazigcwele iziteleka, ukuhlala ubusuku bonke, nokushona kwabantu abaningi ngenxa yokungalethwa kwezidingo. UNduli uthe lokhu kwenzeke phezu kokuthi usoseshini welule isandla ngezindlela ezahlukene ukusiza lapho uMnyango utholakala untula khona. 

Esithombeni ngenhla: Imfucuza esele yemizi ebhidliziwe e-Stanger ngemuva kokwakhiwa endaweni yabantu ngokungemthetho. 

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva