Ezase-KZN ezifingqiwe: Bangu-20,000 abafundi abangase bangakutholi ukudla ngoLwesibili

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili esifundazweni kafushane.

EMgungundlovu – Babalelwa ku-20 000 abafundi abangase babhekane nengwadla yokushoda kokudla ngesikhathi kuvulwa izikole KwaZulu-Natal ngoLwesibili, ngokwesexwayiso se National School Nutrition Programme Service Providers’ Association. Lokhu kungenxa yokuthi uMnyango wezeMfundo, oholwa nguMnuz Sipho Hlomuka wehlulekile ukukhokhela abahlinzeki bezinsiza cishe abangu-200, kanti kunezinye izimali ebezingakakhokhwa kusukela ngoMbasa kulo nyaka.

EMgungundlovu – ULukas Meyer, onguNgqongqoshe omusha wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, useyalele umnyango wakhe ukuthi uyeke ukusetshenziswa kwemali kungenasidingo. UMeyer uvimbele ukuthengwa kwama-goodie bags ezivakashi nosopolitiki, kanye nama-banners amasha namabhodi okukhangisa. Lo myalelo, okhishwe kwi-circular yomnyango ngeledlule, uhambisana nekhwelo likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli lokuthi kusetshenziswe imali ngokucophelela ukuze kuhlomule abantu bakulesi sifundazwe.

E-Newcastle – I-ActionSA isimise ikhansela likamasipala wendawo waseNewcastle uMzwakhe Mbatha kanye nomshayeli walo uSizwe Mokoena kulandela izinsolo zokusebenzisa budedengu imoto kamasipala yomsebenzi. Basolwa ngokusebenzisa le moto ukuthutha abantu besifazane abebedle amanzi amponjwana nohambo olungagunyaziwe. UMbatha noMokoena basolana ngalolu daba, uMokoena ethi waphoqwa ukuthi aluthathe lolu hambo, icala uMbatha eliphikayo.

E-Muden – Umkhankaso wamaphoyisa eMuden (Ekombe) uholele ekuboshweni kwabesilisa abayisikhombisa abatholwe nezibhamu ezingekho emthethweni, okubalwa kuzo i-AK47 nama-pistol amathathu. Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseGreytown maduze.

E-Madadeni – Inkantolo yesifunda saseMadadeni igwebe owesilisa eneminyaka engu-44 ubudala ngecala lokudlwengula umakhelwane wakhe oneminyaka engu-15 ubudala ngo-2021. Umgilwa okhubazekile ngokomqondo usahlukumezekile ngenxa yalesi sigameko. Igama lomenzi wobubi ligodliwe ukuze kuvikelwe umgilwa.

Isithombe esingenhla: Isidlo sasemini sasesikoleni.

Umthombo: Stock

Izihloko zakamuva