I-Scrolla.Africa ikulethela konke odinga ukukwazi ngaphambi kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.
Umkhonto Wesizwe – Lowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma uthatha konke kancane ngemuva kwezigameko ezimbalwa zakamuva ezisabisayo ngezempilo, ezihlanganisa ukuphathwa isiyezi nokuwa emzini wakhe Kwadakwadunuse eNkandla KwaZulu-Natal. Umndeni wakhe uthe uZuma (82) usesimweni esihle sempilo. UZuma ubengekho eNkantolo eNkulu yaseThekwini kuleli sonto ngesikhathi ikhipha isinqumo sokuthi i-ANC ayinalo ilungelo lobunikazi begama nophawu lweqembu le-MK futhi idayari yakhe yokukhankasela ukhetho yehlisiwe.
I-DA – UJohn Steenhuisen ongumholi we-DA usewuse e-Free State umkhankaso weqembu lakhe. Ukwehluleka kweqembu elisha likaloyo owakewaba uNdunankulu we-ANC e-Free State, u-Ace Magashule, i-African Congress for Transformation ukuthi lingene ephepheni lokuvota okhethweni kusho ukuthi izinkulungwane zabalandeli bakhe basengavotela noma yiliphi iqembu. “I-Free State inazo zonke izinto ezidingekayo ukuze ibe yindawo ephumelelayo kodwa ayinayo into ebaluleke kunazo zonke: uhulumeni osebenzela abantu,” kusho uSteenhuisen e-Mangaung ngoLwesibili.
I-ANC – UMengameli uCyril Ramaphosa wethule uhlelo lwakhe lwemisebenzi eyizigidi ezinhlanu njengengxenye yokugubha iminyaka engu-20 yoHlelo Olunwetshiwe lweMisebenzi yoMphakathi enkundleni yezemidlalo i-Buffalo e-East London. Amandla ophiko lwabesifazane be-ANC e-Eastern Cape abonakale ngokugcwele njengoba lwenze omunye wemigubho emikhulu e-Orient Theatre e-East London ngoLwesibili. Lokhu kukhombisa ukuthi i-ANCWL, okuyiqembu elikhulu labesifazane abahlelekile kwezepolitiki yakuleli ayigcini nje ngokukhula kodwa iheha abesifazane abasebasha abamnyama abasezingeni eliphakathi ukuthi bangene ezikhundleni zayo.
I-Rise Mzansi – Omele iqembu e-Western Cape, u-Axolile Notywala (35) uligcwalise phama ihholo i-Thusong e-Khayelitsha, eKapa ngesikhathi ezokwethula usomqulu wesifundazwe we-Rise Mzansi. UNotywala owayengumxhumanisi kazwelonke we-Right2Know Campaign kanye nonobhala jikelele we-Social Justice Coalition njengamanje ufundela i-BA in Political Leadership and Citizenship eNyuvesi e-Unisa.
I-Good – USihlalo kazwelonke weqembu uMatthew Cook uphonsele inselelo “irekhodi” le-DA e-Western Cape ethi “sekuyisikhathi eside imiphakathi empofu esifundazweni inganakiwe futhi ilahliwe”. Uthe uhulumeni we-Good uzoqinisekisa ukulethwa kwezidingo ngokulinganayo ukuze kube nokulingana emiphakathini empofu yamakhaladi nabamnyama.
Esithombeni esingenhla: UJacob Zuma.
Umthombo wesithombe: File