Eyokungcebeleka icela usizo ngemuva kwesigameko sokuphanga

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Abahlomuli bendawo yokungcebeleka yase-Fish River ebibangwa ngasekupheleni kukaMbasa sebecela abatshalizimali ukuthi basize ukubuyisela lesi sikhungo esimweni saso sangaphambilini.

Indawo yokungcebeleka esemgwaqeni u-R72 ngase-Port Alfred, e-Eastern Cape ibe sematheni ngoMbasa ngesikhathi iqulu labantu base-Prudhoe ebelingajabule licekela phansi impahla kule ndawo. Kuthiwa bafika ngamaveni balayisha omabonakude, amakhompyutha, imibhede kanye neziqandisi baphinde bantshontsha namaphathi ezimoto ezimbili.

Indawo yokungcebeleka yaba ngeye-Prudhoe Community Trust ngemuva kwengxabano yeminyaka engu-23 yombango womhlaba phakathi kwemiphakathi yase-Prudhoe kanye nemiphakathi yase-Amazizi.

NgoNhlangulana ngo-2020 inkantolo ephakeme yokudluliswa kwamacala yavumelana ngesinqumo esiyingqophamlando senkantolo yezimangalo zomhlaba sokunikeza ingxenye enkulu yomhlaba kuhlanganisa ne-Fish River Resort emphakathini wase-Prudhoe.

UMnyango wezolimo, ukuguqulwa komhlaba kanye nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya (i-DALRRD) wathenga ibhizinisi kubanikazi balo ngo-2018 kwathi ngoNdasa ngo-2021 indawo yokungcebeleka yadluliselwa ngokusemthethweni kwi-Prudhoe Community Trust.

Umholi womphakathi ophinde abe umholi we-Prudhoe Community Trust, uGladman Tom uthe ngenyanga edlule baye baphoxeka ngokuthi uhulumeni anikele ngendawo enkulu kangaka ngaphandle kokusekelwa okufanele noma amakhono okuphatha lesi sikhungo.

Kodwa-ke, uTom ukuqinisekisile ukuthi ukungaboni ngaso linye phakathi kwe-trust kube nomthelela omkhulu ekucekeleni phansi kwendawo yokuncebeleka eyake yachuma.

I-Trust isayine isivumelwano sokuqashisa seminyaka engu-49 nabatshalizimali i-MahalaX ngosizo lwe-Legal Resources Centre.

I-MahalaX ibihlose ukutshala imali engu-R500 million ukuthuthukisa le ndawo yokungcebeleka okuhlanganisa nokwakhiwa kwe-Fish River Studios esezingeni lomhlaba lapho kuzoqoshwa amafilimu ukuze kungeniswe imali eyengeziwe.

Kodwa-ke, ngoNcwaba nyakenye amalungu athile omphakathi wase-Prudhoe abamba umbhikisho futhi axosha iqembu lamafilimu lamazwe ngamazwe ngemuva kokungaboni ngaso linye mayelana nerenti.

Ilungu lomphakathi uMasixole Kom uthe i-trust ayizange iphumele obala emphakathini mayelana nemibandela yesivumelwano sokuqashisa.

“Ngesikhathi i-MahalaX ifika kule ndawo satshelwa ukuthi izohlala kule ndawo iminyaka eyishumi kodwa siye sathola ukuthi isivimelwano ngeseminyaka engu-49.

“Aseneme neze ngokuziphatha kwe-MahalaX ngodaba lwemali yokuqasha.

“Okunye ukungaboni ngaso linye kungenxa yokuthi i-trust ayizange isazise lutho njengamalungu omphakathi. Besingayitholi imibiko ebesiyidinga.”

Umphakathi wase-Prudhoe owawuhlukene phakathi phambilini uthe manje usuyimbumba futhi usukulungele ukwamukela abatshalizimali.

“Manje sonke sesikhona futhi sicela abatshalizimali ukuthi beze bazosebenzisana nathi,” kusho uKom.

Umholi womphakathi wase-Prudhoe, uGladman Tom uthe selokhu kwenzeke lesi sigameko sokuphangwa kwempahla esaba sematheni ngasekuqaleni kukaNhlaba izinkampani ezintathu zifuna ukutshala imali kule ndawo.

“Sithathe isinqumo sokungena ohlelweni lokumema abatshalizimali ukuthi bazosebenzisana nathi. Sifuna ukuthi indawo yokungcebeleka isebenze ngoba inamandla amaningi,” esho.

Okhulumela i-DALRRD, uReggie Ngcobo uthe ngemuva kokugqekezelwa baqashe inkampani yonogada.

“Inkampani yonogada izogada le ndawo izinyanga eziyisithupha [kuze kube sekupheleni kukaLwezi],” kusho uNgcobo.

“Siyethemba ukuthi lesi sikhathi esiyizinyanga eziyisithupha sizonika umphakathi isikhathi esanele sokuthola uhlelo lwebhizinisi elizosebenza kule ndawo yokungcebeleka.

“Ngebhadi ngeke sikwazi ukuzenzela izinqumo ngoba njengamanje lowo umhlaba owangasese.”

Esithombeni esingenhla: Indawo yokungcebeleka i-Fish River eduze kwase-Port Alfred, e-Eastern Cape 

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva