Eyezobuchwepheshe edumile idilize abasebenzi bayo 

I-Google ixoshe abasebenzi abangu-12,000 okuhlanganisa nama-massage Therapists angu-31.

Ibhizinisi elizinze e-California laziwa ngokusebenza kahle kwabasebenzi bayo. Inkampani yanikeza abasebenzi ukubhucungwa komzimba kwamahhala ngokusekelwe ekusebenzeni kwabo.

USundar Photosi onguMphathi wenkampani eyazala i-Google, i-Alphabet utshele abasebenzi ukuthi “uzibophezele ngokugcwele” ngokudilizwa kwakamuva. Kuyingxenye yezinyathelo ezinkulu zokunciphisa izindleko eziye zabonwa ezinkampanini eziningi zezobuchwepheshe.

Babalelwa ku-60,000 abantu abalahlekelwe imisebenzi kulo nyaka ezinkampanini zezobuchwepheshe ezingu-174, ngokusho kwe-Fortune.

Kwi-email eya kubasebenzi bakhe ngoLwesihlanu olwedlule uPhotosi ubhale wathi ukuxoshwa kwabantu “kuyamsinda”, kubika i-Business Insider. Uthe ukudilizwa kwabasebenzi kubalulekile ukuze kugwenywe “izinkinga ezimbi kakhulu”, ngokusho kwe-Bloomberg.

Khonamanjalo, amasheya kaPichai, utshalomali kanye neholo lakhe kumi ku-$1.31-billion okuyimali elinganiselwa ku-R23 billion.

I-Google akuyona yodwa inkampani yezobuchwepheshe enciphisa izinzuzo zayo.

Ngasekupheleni kwanyakenye i-Meta (okwakuyi-Facebook) yaxosha abasebenzi abaningi. Yaphinde yehlisa imihlomulo yezempilo ngo-R20,000 futhi yasusa nendawo yokuwasha yamahhala endaweni yayo.

I-Twitter eye yadiliza abasebenzi abaningi selokhu u-Elon Musk ethathe izintambo ngoMfumfu iyekile ukukhokhela i-inthanethi yasekhaya ne-WiFi, izinhlelo zokuqeqesha nokuthuthukisa ne-Camp Twitter kanye nomcimbi weqembu lenkampani yonke.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Esithombeni esingenhla: Abasebenzi bakwa-Google

Umthombo wesithombe: Flickr

Izihloko zakamuva