Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ubukhosi base-Swatini bufuna ukuqinisa ubudlelwano babo nobukhosi bakaZulu kanye nabantu bakhona ngokuqamba enye yezinkampani zabo ngeSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini.
Lesi simemezelo senziwe ngemuva kokuthi indiza yase-Swatini ifike esikhumulweni sezindiza iKing Shaka eThekwini ngoLwesihlanu lapho okwethulwe khona umzila omusha ophakathi kwase-Swatini neKwaZulu-Natal.
UNgqongqoshe wezokuVakasha vezeMvelo wase-Swatini, uMoses Vilakati uzwakalise isifiso sezwe lakhe sokugcina ubudlelwano obuqinile nesifundazwe saKwaZulu-Natal.
“Asisoze sachitha isifiso sethu sokuthi sifuna ukuqamba enye yezinkampani zethu zezindiza yase-Swatini ngeSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini,” kusho uVilakati.
“Sesiqalile ukuhlonipha ubukhosi bakaZulu ngomzila wethu wokuqala wendiza oya esikhumulweni sezindiza iKing Shaka. Ngakho-ke, kuzobaluleka kakhulu ukuthi siqambe enye yezinkampani zethu zezindiza ngegama leSilo samaBandla esibusa isizwe samaZulu.”
Sekuphele iminyaka izwe lase-Swatini lizama ukuthola ilayisense yokuba nomzila wendiza oza kuleli ikakhulukazi KwaZulu Natal.
Njengoba kwethulwa umzila izindiza zizondiza phakathi kwase-Swatini naseThwekini kathathu ngesonto.
NgokukaNeville Matjie onguMphathi we-Trade and Investment KwaZulu-Natal umzila wendiza oya e-Swatini uzophinde unikeze umzila olula oya e-Zimbabwe uma udlula e-Swatini.
“Lokhu kuzosiza iKwaZulu-Natal ekuqhakambiseni ezokuvakasha nokukhula komnotho,” kusho uMatjie. “Kuzophinde kusize iKwaZulu-Natal ukuthi ixhumane kalula nezinye izifunda ze-SADC ngenhloso yokuthuthukisa umnotho.”
Umzila omusha uzonciphisa isikhathi sokuhamba phakathi kwalezi zindawo ezimbili okuyiwa kuzo ukusuka emahoreni ayisithupha kuya ehoreni elilodwa nje kuphela.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo uMnu Sboniso Duma uyishayele ihlombe le ntuthuko wathi, “Kuzoba umlando ukuthi umuntu uke abambeke ku-N2 uma eya e-Swatini.
Esithombeni esingenhla: Inkampani yezindiza yokuqala yase-Swatini ifike esikhumulweni sezindiza eKing Shaka eThekwini ngoLwesihlanu.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe