Eyezempilo netwetwe lwesivunguvungu sesihlanu sokhuvethe

Kamogelo Olaitan

Inhlangano yezempilo emhlabeni i-World Health Organisation (i-WHO) inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagome njengoba izwe lingena kwisivunguvungu sesihlanu sobhubhane lwe-Covid-19.

Kubikwa ukuthi kungaphezu kuka-8,500 ukutheleleka okusha okuqoshwe ngoLwesine kanti ukutheleleka okusha okungu-5,486 kuqoshwe ngeSonto, ngesikhathi abantu abangu-43 bengeniswa esibhedlela ngosuku olulodwa.

Isikhungo sikazwelonke Sezifo Ezithathelanayo (i-NICD) siqophe isilinganiso esingu-31.1% salabo abahloliwe. Lokhu kushoda ngo-3.8% kuphela ukuthi kufike kwinani langoZibandlela lika-34.9%.

Ekhuluma ne-City Press, uDkt Kaluwa we-WHO uthe ososayensi babikezele ukuthi lokhu kuzokwenzeka ngalesi sikhathi.

Uthe ukuhamba kancane kwezinga lokugoma eNingizimu Afrika kuyakhathaza, futhi kuzodingeka amaqhinga ahlukene ukuze kugqugquzelwe izakhamizi ukuthi zigome.

“Kusenendlela okufanele sihambe ngayo ngaphambi kokuba sifinyelele kwizinga le-delta lapho okushona khona amakhulu abantu nsuku zonke futhi abalaliswa esibhedlela befinyelela kwisilinganiso esingu-16 000 ngosuku. Izinga kokutheleleka libonisa ukuthi lesi sifo sibhebhetheka ngokushesha kangakanani emphakathini. Lokhu kuyinkomba ebalulekile njengoba ukutheleleka okuningi kungakatholakali,” kusho uDkt Kaluwa.

NgoMgqibelo, izinga lokutheleleka eNingizimu Afrika likhuphuke ngo-30% okokuqala ngqa cishe ezinyangeni ezinhlanu.

NgoMbasa, ososayensi baseNingizimu Afrika benze ucwaningo ukuze bathole ukusebenza kahle kwemithi yokugoma ezinhlobonhlobo ezincane ze-Omicron lapho abathole ukuhlukahluka okubili kwe-omicron, i-BA.4 kanye ne-BA.5.

UMqondisi oMkhulu we-NICD uSolwazi u-Adrian Puren uthe “Kunzima kakhulu. Sizama ngamasu ahlukene ukuheha abantu ukuthi bagome futhi sizama ukubaqinisekisa ukuthi lokhu kubi kakhulu kunomkhuhlane,” kusho uPuren.

Isazi sezifo eziwumshayabhuqe uSalim Karim phambilini wathi izimpawu zokuqala zikhomba ukuthi lesi sivunguvungu esisha sizobulala kancane kunalezo ezifike ngaphambi kwaso.

“Mayelana nokuqina, kusasekusha kakhulu ukuthi ungasho ngokuqinisekile kodwa uphawu olulodwa ngelokuthi ukushona kwabantu ngokweqile akukhuphukanga kakhulu,” esho.

“Kwizivunguvungu ezedlule, ukushona kwabantu ngokweqile bekukhuphuka kusenesikhathi, kwesinye isikhathi nangaphambi kokuba kubonakale ukwanda kokuthelelana.”

UKarim uchaze ukuthi njengoba ukushona kwabantu ngokweqile kuye kwehla, nakuba kuye kwanda kancane, “akunakwenzeka ukuthi i-BA.4 iholela kwisifo esibi kakhulu.”

Isibalo esiqoshiwe sokushona kwabantu  okuhlobene ne-Covid-19 manje simi ku-100,523.

Izihloko zakamuva