Eye-FA izokhombisa ukuthi ubani inkunzi kumaqembu amane

Ezemidlalo: Amaqembu amane asele kodwa mabili kuphela azozibekisela indawo kowamanqamu weNdebe ye-FA futhi awufuni ukuphuthelwa yile midlalo, kubhala uDylan Bettencourt.

Amaqembu azodlala kowamanqamu e-FA Cup azonqunywa kule mpelasonto njengoba kuzobe kudlala imidlalo eyandulela owamanqamu.

Umdlalo wokuqala owandulela kowamanqabu uzobe uphakathi kwe-Manchester City ne-Chelsea kanti uPep Guardiola ebheke ukuvikela isicoco sakhe.

Ngemuva kokukhishwa ku-Uefa Champions League ekuqaleni kwesonto, uGuardiola nabadlali bakhe bazobe befuna ukunqoba e-Wembley ngoMgqibelo.

Ngakolunye uhlangothi i-Chelsea izobe inethemba lokusebenzisa leli thuba ukuze izisindise kule sizini ebinzima kubo.

Ama-Blues azongena kulo mdlalo ezithemba ngemuva kokunqoba ngamagoli ayisithupha eqandeni i-Everton ngoMsombuluko futhi abuka i-Manchester City ingena kumaphenalthi ibhekene ne-Real Madrid ngoLwesithathu.

NgeSonto i-Manchester United izodudulana ne-Coventry City, isivele yazi ukuthi ilindelwe yini kowamanqamu.

Ama-Red Devils azongena kulo mdlalo njengezintandokazi uma esebhekene neqembu elizithola lisendaweni yesithupha esigabeni sesibili sebhola lase-England.

Kwenzekile izinto ezingajwayelekile kodwa i-United izozwa ukuthi indawo kowamanqamu ivikelekile uma ingena enkundleni ngeSonto.

I-United, njenge-Chelsea izoba nomuzwa wokuthi ukunqoba Indebe ye-FA kungasindisa enye isizini ebingeyinhle eqenjini labo.

I-Manchester City izobhekana ne-Chelsea ngo-6.15pm ngoMgqibelo.

I-Manchester United izobhekana ne-Coventry City ngo-4.30 ntambama ngeSonto.

Imidlalo izovela bukhoma kuDStv channel 203.

➤ IMamelodi Sundowns izodlala umlenze wokuqala owandulela owamanqamu lapho izobhekana neqembu lase-Tunisia i-Esperance ngoMgqibelo emdlalweni we-CAF Champions League.

ISundowns izobhekisa amabombo e-North Africa emdlalweni ozoqala ngo-9 ebusuku.

ISundowns ayikho efomini engcono njengamanje kodwa izobe inethemba lokuthi abadlali bayo bazovuka ukuze bathole ithuba ngaphambi komlenze wesibili.

Umdlalo owandulela owamanqamu uzodlala bukhoma kuDStv channel 202.

➤ Imidlalo ye-Formula 1 iyaqhubeka kule mpelasonto njengoba lo mdlalo ubuyela e-China okokuqala ngqa eminyakeni emihlanu.

Kuphinde kube yimpelasonto yokuqala yomjaho we-Sprint kule sizini, kanti lo mjaho uzoba ngo-5 ekuseni ngoMgqibelo.

Umjaho omkhulu uzoba ngeSonto ngo-9 ekuseni kanti uzokhonjiswa kuDStv channel 215.

➤ Usuku lukaJake White kule mpelasonto. Ufake iqembu lama-Bulls ukuze libhekane ne-Northampton Saints ngesonto eledlule, ngokusobala ukuze aphumuze iqembu emdlalweni wangempelasonto we-Vodacom United Rugby Championship ne-Munster e-Loftus Versveld.

Uma ama-Bulls enqoba, ukugembula kwakhe kuzobe kusebenzile, kodwa uma behlulwa njengoba bengase babhekane neqembu elinzima le-Munster, uWhite uzophoxeka kakhulu.

Impilo ayibi lula ku-Emirates Lions uma sebebhekene ne-Leinster e-Ellis Park. Ama-Lions agxekwe ngokudlala izindlela ezihlulene kodwa kule mpelasonto kuzomele bazimisele kakhulu uma befuna ukuhlula i-Leinster eqhwakele phezulu ku-log.

Lindela izihlwele zaseKapa ukuthi zizothwala ama-Stormers ekunqobeni uma esebhekene ne-Osprey e-DHL Stadium e-Green Point. Ama-Stormers angase akhombise ukukhathala, kodwa lindela ukuthi bawulungele umdlalo wangempelasonto .

Ama-Sharks adlale kahle isikhathi esiningi edlala ne-Edinburgh eThekwini ngesonto eledlule, kodwa kube namaphutha kanti kuleli sonto kuzoba umdlalo onzima kakhulu uma sebeya e-Scotstoun Stadium e-Glasgow. Ngabe ama-Sharks abuyele ezingeni lawo? Sizothola ngoLwesihlanu.

I-Glasgow Warriors izobhekana ne-Hollywoodbets Sharks, ngoLwesihlanu ngo-8.35pm

I-Emirates Lions ibhekane ne-Leinster, ngoMgqibelo ngo-3pm

i-Vodacom Bulls izobhekana ne-Munster, ngoMgqibelo ngo-5pm

I-DHL Stormers ibhekane ne-Ospreys, ngoMgqibelo ngo-7.15pm

Yonke imidlalo izovela bukhoma ku-DStv channel 201 no-211.

Isithombe esingenhla: I-Manchester City.

Umthombo wesithombe: Manchester City/X

Izihloko zakamuva