Kamogelo Olaitan
Inkantolo yase-Egypt icela ukuthi ukulengiswa kombulali olahlwe icala kusakazwe bukhoma kumabonakude.
UMohamed Adel ulahlwe icala lokugwaza abulale umfundi abefunda naye ngesikhathi lo mfundi enqaba isicelo sakhe somshado.
Inkantolo ithi lokhu kuzovimba ubugebengu obufanayo ukuthi bungenzeki esikhathini esizayo.
Encwadini eya ePhalamende, inkantolo ibhale yathi: “Ukusakazwa bukhoma noma ngabe kuba ingxenye esekuqaleni kungafeza umgomo wokuvimbela, ongafinyelelwanga ukuthi usakazwe ngesikhathi kwethulwe isigwebo.”
U-Adel (21) wasedolobheni lase-Mansoura e-Egypt ulahlwe icala lokubulala uNaira Ashraf ngomhlaka-20 kuNhlangulana.
Ngokusho kwabezindaba zendawo, u-Adel wacupha uNaira isikhathi eside wamhlasela ngaphandle kwenyuvesi ngemuva kokuthi ehle ebhasini.
UNaira ugwazwe entanyeni nasesifubeni kanti ushonele endaweni yesigameko.
Kwividiyo u-Adel ubonakala ephethe ummese emi phezu kukaNaira. Uye wabanjwa ngumphakathi.
Ugwetshwe esentambo mhla ziyisithupha kuNtulikazi ngemuva kokuthi icala liqulwe izinsuku ezimbili.
Ummeli ka-Adel usidlulisile isigwebo sentambo.
Izwe lagcina ukusakaza ukulengiswa kwabantu e-Cairo ngo-1998 ngemuva kokuthi abesilisa abathathu batholwe benecala lokubulala owesifazane kanye nezingane zakhe ezimbili ekhaya labo.