Kamogelo Olaitan
Enye yezingoma zakamuva ezisabalalayo ku-TikTok ngethi-“Soweto” yomculi ophinde abe umbhali wezingoma wase-Nigeria u-Anthony Victor, odume ngelikaVictory.
Le ngoma eqanjwe ngelinye lamalokishi anomlando eMzansi, isetshenziswe kumavidiyo angaphezu kwangu-147 000 ku-TikTok.
Umdanso wale ngoma uqale esontweni eledlule. Isabalale amazwe ahlukene kanti wonke umuntu wenza imidanso engajwayelekile ezokwenza udanse nawe.
Le ngoma isithole ukunakwa ngemisindo yayo efana nekhwela.
UVictory ufake umdidiyeli wakhe uTempoe kule ngoma eshisa izikhotha okuyingoma yesithupha kwi-albhamu yakhe enezingoma eziyisikhombisa ethi-Outlaw.
I-albhamu ekhishwe ngoNhlangulana ngemuva kokukhishwa ngempumelelo kwe-albhamu yakhe ethi-Dark Times nyakenye, yabiwe kuwo wonke amapulatifomu okusakaza.
I-albhamu ikhishwe i-KVLT ngaphansi kwelayisensi ekhethekile ye-Plug Entertainment.
UVictory uthi i-albhamu ihlelwe kahle futhi inezindaba zomuntu siqu ezimayelana nothando, impilo kanye nenkanuko.
“Ukuba i-Outlaw kusho ukukugxeka futhi sisemphakathini lapho ukuba nguwena kubonakala kungavamile, ngakho-ke uma ukuba nguwe kungavamile, kusho ukuthi siyizigebengu,” kusho lo mculi.
Lo mdidiyeli (21) utshele ingosi yezindaba zomculo i-OkayaAfrica ukuthi uthonywe kakhulu abaculi abafana noDrake kanye noKendrick Lamar.
“Ukuhamba kwami kokuqala ngqa kwaba ngesikhathi ngineminyaka engu-16. Lokho kwakuyisikhathi sami sokuqala ngisesitudiyo sangempela ukwenza umculo ukuze abantu badle. Kwakuyinto ejabulisa kakhulu futhi yenzeka ngemuva nje kokufunda esikoleni samabanga aphezulu,” esho.
Kuhle ukusho ukuthi i-albhamu yonke, hhayi nje ingoma ethi “Soweto”, ingumsebenzi omangalisayo lapho uVictory asakhombisa khona ikhono lakhe.
UVictory uke wasebenza nabaculi abadumile abafana noBurna Boy.
Uma uthanda umculo omnandi, uzoqonda ukuthi kungani ama-TikTokers ethanda le ngoma.