Esinye isigameko sokudubula eGqeberha 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ngemuva kwesinye isigameko sokudutshulwa ephathini kwashona abantu abane kwalimala abathathu, sekuqubuke uvalo elokishini laKwazakhele e-Gqeberha. 

Isigameko sokudubula ezintatha ngeSonto, senzeke endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-1.5 ukusuka lapho kwashona khona abantu abayisishiyagalombili kwalimala abathathu emasontweni amabili edlule.

Esigamekweni sokudubula sangeSonto, abahlaseli abathathu bavulele ngenhlamvu emzini osemgwaqeni kwaNomjila okuyilapho iqulu labantu abasha abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-25 bebenomcimbi khona.

Ngokusho kwamaphoyisa, kubantu abangu-11 abebesendlini kushone abesifazane abathathu nowesilisa oyedwa, kwalimala abesilisa ababili nowesifazane oyedwa.

Owesifazane osindile uzithele emotweni yamaphoyisa abeqaphe ngezithuba zabo-12:45 ekuseni wawatshela ukuthi yena nabangani bakhe bahlaselwe.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe amaphoyisa aphenya amacala amane okubulala nayisikhombisa okuzama ukubulala. 

“Imbangela yokudubula kwabasolwa ayikaziwa okwamanje. Abashonile baneminyaka ephakathi kuka-20 no-25 kanti izihlobo zabo zisathungathwa.”

NgoMsombuluko uNaidu uthe akubona bonke abashonile abahlonziwe.

Ubabekazi wesinye sezisulu naye uhlulekile ukuchaza ukuthi babulaweleni. Bathe bashaqekile futhi abaqondi ukuthi kungani umuntu engafuna ukubulala umshana wabo.

Bacele ukungadalulwa ngoba besabela ukuphepha kwabo.

“Abazali bakhe sebashona kanti ubezihlalela yedwa lapha ngoba udadewabo namanye amalungu omndeni bavakasha uma bekwazile.”

Abanye omakhelwane bakhethe ukusishaya indiva lesi sigameko  kanti abanye bathi bazwile, kodwa abanaso isiqiniseko sokuthi kwenzekeni ngempela. Iningi belisaba kakhulu ukuphawula.

EmaSontweni amabili nje adlule, kulona leli lokishi   laKwazakhele kwenzeke isigameko esifuze lesi esithuthumelise abantu abaningi ezweni lonke ngesikhathi bekunephathi kwadutshulwa kwabulawa abantu abayisishiyagalombili kwalimala abathathu.

Abenzi balokho kuhlasela okushaqisayo basagcwele amathafa.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant-General Nomthetheleli Mene usenxuse izakhamuzi zaKwazakhele nase-New Brighton ukuthi zisebenzisane namaphoyisa ukuze kuqedwe ukubulawa kwabantu.

UMene unxuse izakhamuzi ukuthi ziphumele obala ziveze labo abenza lezi zigameko zokubulala. “Ngeke sivumele izigebengu zibuse ngokukhululeka ezindaweni esihlala kuzo ngoba lokhu kuletha ukwesaba okukhulu kubantu.”

Khonamanjalo ikhansela lesigceme saKwazakhele, uGamalihleli Maqula, uthe izakhamuzi zithukile.

“Amalungu omphakathi ahlalele ovalweni futhi ngeke kulindeleke ukuthi akhulume emihlanganweni ngolwazi analo ekubeni bekungakaboshwa muntu ngezigameko zokubulala ezedlule ngoba lokhu kuzobabeka engcupheni.”

“Akekho umuntu ofuna ukuhlezi ejeqeza emhlane wakhe ngoba azi ukuthi ubani owenza lokhu futhi asiyazi nenhloso.”

UMaqula weluleke izakhamuzi ukuthi ziyeke ukwenza amaphathi ezindlini kuze kube kuboshwe abenzi bobubi kuzo zombili izigameko.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa namalungu omphakathi ngaphandle komuzi osemgwaqeni uMaqanda, emasontweni amabili edlule.

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva