Esigodini sangakithi sibungaza isikhathi sikaKhisimusi phakathi kwesiphithiphithi esingapheli

Moyahabo Mabeba

Kube wuhambo olunzima kakhulu kulo nyaka njengoba umhlaba wonke ubuhlaselwe ubhubhane, kodwa uZibandlela inyanga eyodwa lapho esijabula khona ukudlula zonke izinyanga.

Njengelungu elizithobile lakwaMabeba lesi isikhathi sonyaka sokuthi ngilibangise endaweni yokhokho bami e-Botlokwa emphakathini obumbene wase-Matseke e-Limpopo.

Uma usuhamba ubuyela kuleli dolobhana ukukhumbula izinto eziningi njengoba ubuye uhlangane nabangani, umndeni, kanye nezitha.

Kungalesi sikhathi sonyaka lapho utshwala busuke buchitheke khona futhi wonke umuntu wakwaMotlatso, owakwaMoyahabo kanye nowakwaMosima banezaba ezikahle zokuzitika ngotshwala.

Ikhehla elidala lasesigodini, uMa-Doc Motumo uhlale ebonakala ediyazela uma esesuka endaweni yokucima ukoma i-Diarora ephethe ibhodlela elinsundu esandleni sakhe, ekhuluma yedwa.

Buqamama nekhaya lami, umakhelwane wami “uMalume uStasie” usuke ezihlalele ngokukhululeka ngaphansi kwesihlahla ngaleso sikhathi kunefu lensangu elimboza ama-dreadlocks akhe.

Kusuke sekusobala ukuthi udakwe insangu uma esengibiza ethi ngizobingelela. Silalela izingoma zama-Rasta zikaBurning Spear nezingoma zomzabalazo ezithatha imicabango yakhe ziyise ezindaweni ezikude zase-Jamaica nase-Caribbean Islands.

Izindlu ezintathu ezansi nomgwaqo, zisuke zidlala izingoma zakamuva zikaKing Monada noMakhadzi esipikheni esincane esiphathekayo.

UTsebe Masiela usuke edansela izingoma njengohlanya nakuba engaluqondi ulimi lwe-Tshivenda noma ulimi lwesigodi se-Khelobedu.

Uthi: “Akunandaba ukuthi umculi uthini. Okubalulekile isimo sangaleso sikhathi. Sisuke sibungaza ukuzalwa kukaKristu futhi samukela uNyaka Omusha.”

Iphunga lenyama eyosiwe ligcwala isibhakabhaka ngezikhathi zantambama, bese libuye lingcoliswa intuthu yeziqhumane uma imicimbi kaKhisimusi noNcibijane ingalawuleki.

Ukuhlatshwa kwembuzi kuyisiko eliye ladluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Igazi elichithekayo lifana nenqwaba ye-data exhumanisa abaphilayo nabangasekho.

Esigodini sangakithi, isikhathi samaholidi kaKhisimuzi sisabalulekile – izingane zigqoka izingubo ezintsha, kanti abantu abadala benza konke okusemandleni abo ukubungaza imicimbi yangoKhisimuzi.

Izihloko zakamuva