ESIBATHANDILE BASILAHLEKELE: USOUL JAH LOVE (1989 – 2021)

Sizwe Sibiya

Umdanso wokugcina womsunguli we-Zimdancehall

USoul, abambiza ngokuthi, uSoul Jah Love wayengaziqabuki  izingqinamba ngaphambi kokuba abe yisihlabani esidumile.

Wazalwa ngowezi-1989, washonelwa ngumama wakhe esemncane. Kusukela eneminyaka eyisikhombisa, lapho kutholakala ukuthi unesifo sikashukela, wayengena ephuma esibhedlela. Ugogo wakhe, owayengumnakekeli wakhe, wadlula emhlabeni eneminyaka eyi-10. Ubaba wakhe newele lakhe uJohn Musaka badlula emhlabeni ngowezi-2005 eneminyaka eyi-15. USoul wasala nomama owayegane ubaba wakhe owamxosha ekhaya ngemuva kokushona kukababa wakhe.

Kodwa noma kunjalo, wanqoba izingqinamba futhi wathola umklomelo wokubayisihlabani se-Zim Dancehall, isiko asize ukulisungula ngesikhathi esenyuka emculweni wase-Zimbabwe ngowezi-2012.

USoul Jah Love waphila impilo yodumo eyayinengxabano ngemuva kokushada noBounty Lisa, owayeyisihlabani ayedansa naso. Lezi zithandani futhi zenze umculo ndawonye ngesikhathi somshado wabo odonse iminyaka embalwa nje kuphela.

Ngesikhathi seminyaka eyishumi yokusebenza ngokucula kukaSoul kufaka nendondo yakhe ayithola ngengoma yakhe ethi Ndini uya uya. Uqoqe izindondo ezimbili ze-Zim Dancehall ze-Best Collaboration ne-Best Upcoming Artist.

Unqobe ukufa kabili ezingozini ezimbili ezehlukene zemoto, okokuqala ngowezi-2014 nangoNcwaba kowezi-2016 ngesikhathi eyocula e-Victoria falls.

USoul ukhiphe ividiyo yakhe yakamuva yengoma ethi Simudza Gumbo emasontweni amathathu edlule ngaphansi kwe-Passion Java Records kanti le ngoma isibukwe abantu abangaphezu kwabayi-200,000 ku-YouTube.

Ushone ngokuzuma ngoLwesibili eneminyaka engama-31.

“Uphuthunyiswe esibhedlela sase-Mbuya Dorcas e-Harare engasakwazi ukuphefumula kwathiwa ushonile ngesikhathi efika esibhedlela,” kubika izindaba zendawo zase-Zimbabwe.

Ukushona kwakhe kugonqelwe ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bememezela bethi: “Ulale Ngokuthula Soul Jah Love. I-Zimbabwe iyohlezi ikukhumbula.”

Umthombo wevidiyo: i-YouTube

Izihloko zakamuva