ESIBATHANDILE BASILAHLEKELE: Ikosi Mahlangu, ngaphezu kwakho konke, wayengumuntu odala intuthuko

Dalphine Tagwireyi

Ukukhethwa kuka-Ikosi Sipho Etwell Mahlangu ukuba abe ngusihlalo weNdlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko (i-NHTL) kwaba yisicongo sempilo yokuzinikela ekuthuthukisweni kwezindawo zasemakhaya.

Ngasekuqaleni kwalonyaka ubengamele ukuqaliswa kohlelo i-Invest Rural Masterplan, okuyipulani yokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya. Lolu hlelo lwamukelwa uhulumeni NgoNhlolanja.

Khonamanjalo, uthando lwakhe ngentuthuko yentsha yesizwe lwambona ekhuthaza ukuthi abantu abasha abasezindaweni zasemakhaya bangaphoqwa ukuya emadolobheni ukuyofuna ithuba.

“Kumele siqinisekise ukuthi akhona amathuba anele ezindaweni zasemakhaya. Ukuhamba kumele kube ngokuzikhethela,” wake wabhala kanjalo ku-twitter.

UMahlangu wazalwa ngomhla ziyi-14 ngoMbasa ngowe-1973 eMthambothini kwa-Simuyembiwa, e-Ndzundza Mabusa Traditional Council eMpumalanga.

UMahlangu uthole i-Bachelor of Administration ngowe-1995 e-University of the Western Cape waphothula izifundo ze-Business Management Certification Course e-Unisa ngowe-1999.

Ngowezi-2014, wakhethwa njengePhini likaSihlalo we-NHTL kwathi ngowezi-2017, wakhethwa njengosihlalo wayo.

Ukuzibophezela kwakhe ekuhlinzekeni amathuba ezomnotho emiphakathini yasemakhaya ngokuhamba kwesikhathi kwaholela kumaphrojekthi afana nokusungulwa kwefemu ye-biomass eSithebe eMandeni e-KZN.

Uphinde wasiza ukusungula indawo yokugcina amantongomane i-macadamia neNkosazana NomaXhosa Jongilanga e-Eastern Cape.

Usungule isisekelo se-Ikosi Senzangakhona, ebesinikeza ngemali imifelandawonye yentsha ukuqalisa amaphrojekthi kwezolimo nakwezokukhiqiza.

NgoLwesihlanu eneminyaka engama-48 ubudala, uMahlangu wanqotshwa yizinkinga ezimayelana ne-Covid-19, kanti kuzobanjelwa inkonzo yesikhumbuzo esezingeni likahulumeni ngomhla zingama-23 kuNtulikazi.

UNdunankulu waseMpumalanga uRefilwe Mtshweni-Tsipane uthe uMahlangu uzokhunjulwa njengompetha wentuthuko yezindawo zasemakhaya.

“U-Ikosi Mahlangu uqhubekisele phambili inhloso yemiphakathi yasemakhaya ngokuqinisekisa ukuthi izifiso zabo zithola indawo ezinhlelweni zentuthuko yezwe, lokhu kumenze wathandwa njengomlomo wemiphakathi eyayincishwe amathuba phambilini,” kuzikhalela uMtshweni-Tsipane.

Umthombo wesithombe: Indlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko

Izihloko zakamuva