ESIBATHANDILE BASILAHLEKELA: UDickson Ralushai (1950 – 2021)

Elmon Tshikhudo

Umakadebona womzabalazo uDickson Ralushai udlule emhlabeni ngoLwesihlanu ngemuva kokugula isikhashana.

UComrade Dick, njengoba wayaziwa kanjalo, wayengusihlalo weKomidi Lesifunda Lesikhashana le-ANC, esifundeni i-Peter Mokaba.

Wazalelwa e-Tshififi, ngaphandle kwase-Thohoyandou, mhla ziyisikhombisa kuNtulikazi ngowezi-1950. Ngemuva kokufunda esikoleni samabanga aphansi i-Dumasi, waya esikoleni samabanga aphezulu i-Mphaphuli e-Sibasa, e-Limpopo. Lapho wahlangana nezishoshovu zepolitiki, phakathi kwazo kubalwa uCyril Ramaphosa.

Esikoleni wafunda nge-socio-economic realities lapho iningi labantu base-Afrika lalihlala khona, futhi wazihlanganisa nomzabalazo wokulwa nobandlululo.

Izifundo zakhe eNyuvesi yase-Zululand zaphazamiseka ngenxa yobushoshovu bezepolitiki kanye nokubamba iqhaza kwakhe emisebenzini yenhlangano yabafundi i-Saso. Usebenze ezinhlakeni eziningi zenkululeko, kubandakanya nezinhlaka ezingaphansi komhlaba ze-ANC kanye noMkhonto WeSizwe. Wayevame ukuboshwa ngenxa yokubandakanyeka kwakhe kwezepolitiki.

Ngemuva kowezi-1994, wasebenza e-Barclays Bank, e-Old Mutual, naseHhovisi likaNdunankulu waseLimpopo.

Uthathe umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi ngowezi-2009 ngesikhathi eyimenenja ephezulu eHhovisi likaSomlomo wesiShayamthetho sase-Limpopo.

UMaholi Phala, oyibamba lePhini likaNobhala Jikelele we-ANC Veteran’s League, uthe impilo kaRalushai ibigcwele usizi oluningi kodwa uComrade Dick akakaze akhononde.

“Ubezinikela kakhulu kwabanye ngaphandle kokuthola ingcebo yanoma yiluphi uhlobo,” kusho uPhala.

UComrade Dick ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe uShonisani Ravele-Ralushai, izingane ezine nabazukulu abayisikhombisa.

Inkonzo yesikhumbuzo yokumhlonipha izobanjelwa e-Thohoyandou ngoLwesine, mhla ziyi-11 kuNdasa, nase-Polokwane ngoLwesihlanu, mhla ziyi-12 kuNdasa. Uzofihlwa ngoMgqibelo emathuneni ase-Mbaleni e-Thohoyandou.

Izihloko zakamuva