Lungani Zungu
Okhulumela i-ANC uPule Mabe, ekhuluma ngomufi uDkt uFrank Mdlalose, uthe: “Abantu base-KZN bazomkhumbula njengompetha wokuthula.”
Lo sopolitiki obeneminyaka engama-89 ubudala owayenguNdunankulu wokuqala e-KZN, udlule emhlabeni ngoMgqibelo egula ngenxa yezinkinga esihlobene ne-Covid-19.
UMabe uthe uMdlalose uzokhunjulwa ngemizamo yakhe engapheli yokuletha ukuthula phakathi kwe-IFP ne-ANC ngeminyaka yezi-1980.
Esitatimendeni, umndeni wakwaMdlalose uthe uyaziqhenya ngomsebenzi awenza emphakathini wase-Newcastle, kanjalo nomsebenzi awenzela isifundazwe, nezwe lonke.
“Usebenze emphakathini njengodokotela nanjengosopolitiki. Ubethandwa kakhulu yibo bonke,” kusho isitatimende.
UMdlalose wasebenza ezinhlakeni eziphansi ze-ANC ngaphambi kokujoyina i-IFP ngenkathi isungulwa nguMntwana kaPhindangene uMangosuthu Buthelezi ngowezi-1975.
“Njengelinye lamalungu okuqala eNkatha, washeshe wakhombisa ubuholi bakhe kanye nekhono lakhe lokufaka umbono kubantu bakithi,” kusho uButhelezi.
UMdlalose wazalelwa eNquthu, enyakatho ne-KZN ngowezu-1931, wahlula izinselelo eziningi ukuba ngudokotela.
Ngowezi-1958, waqala ukusebenza esibhedlela i-King Edward eMbilo, eThekwini ngokuhamba kwesikhathi wabe esengena kwezepolitiki.
Ngowezi-1998, uMdlalose waqokwa njengenxusa laseNingizimu Afrika eGibhithe.
I-IFP ithe uMdlalose, owayenguSihlalo wayo kuzwelonke, wayeyiqhawe kwezombusazwe.
UMdlalose uthathe izintambo njengoNdunankulu ngowezi-1994 ngemuva kokuthi i-IFP inqobe isifundazwe e-KZN, yize i-ANC yanqoba ukhetho lukazwelonke.
UNdunankulu weKwaZulu-Natali uSihle Zikalala uthe: “Wayengumholi onamehlo athe njo kubantu abaningi bakithi futhi edlulela ngale kweqembu.”
UZikalala uhambele lo mndeni ngoMsombuluko wacela uMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi ahloniphe uMdlalose ngomngcwabo okhethekile osemthethweni.
Imininingwane yomngcwabo isazomenyezelwa.