
Dylan Bettencourt
UNicholas Dlamini wamukelwe njengeqhawe ngesikhathi ewela entanjeni ngemuva kokushayisa ngesigaba sesishiyagalolunye se-Tour de France.
“Bekuwusuku nje olubi ukuba nosuku olubi,” kusho umgibeli webhayisikili onesibindi.
Wengeze wathi: “Ukwehla ebhayisikili lami ngigibele emotweni bekungeyona indlela.”
UDlamini, owaqopha umlando ngesikhathi eba ngowokuqala omnyama waseNingizimu Afrika ukungenela i-Tour de France, wehlelwe yingozi embi ngesikhathi ehla ngokushesha.
“Bekuyisigaba esinzima. Kube nokukhuphuka okunzima – uhlobo lwesigaba nesimo sezulu asisizanga,” esho.
“Ngilahlekelwe ukuthintana ne-peloton ngemuva kokuphaphalaza futhi bengingedwa, ngakho bekunzima impela ukushayela ngesivinini esihle.”
Yize isimo sezulu besimanzi nokushayisa, uDlamini ubuyele ebhayisikili waqeda umjaho.
Isibindi sakhe sishayelwe ihlombe ngabalandeli balo mcimbi abebemjabulele ngesikhathi eqa umugqa.
“Kubuhlungu ukuqeda ngale ndlela kodwa okubaluleke kakhulu bekungekhona ukuma nokugibela kuze kube sekugcineni kungakhathalekile ukuthi sesiphelile isikhathi. Wumjaho okhethekile futhi bekulokhu kuyiphupho ukugibela i-Tour de France,” esho.
Ngenxa yokuthi uDlamini akasifezanga isikhathi esinqunyiwe, iphupho lomgibeli waseNingizimu Afrika le-Tour de France seliphelile kodwa ngesimo sakhe sokuba nogqozi akusho ukuthi lokhu kuzobe kungokokugcina sizwa ngoNicholas Dlamini.
Umthombo wesithombe: @NewFrame