Enye ingozi enyantisayo eMthatha

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Enye ingozi enyantisayo eyenzeke eMthatha idlule nemiphefumulo emithathu kuleli sonto ukwenza isibalo sabashone emigwaqeni yase-Eastern Cape emahoreni angu-24 edlule sifinyelele ku-11.

Iloli elingu-tipper neveni yohlobo lwe-Isuzu zishayisane ngoMsombuluko kusihlwa ku-R61 e-Tabase ngaseMthatha.

Abasindile baphuthunyiswe esibhedlela iNelson Mandela Academic.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni u-Unathi Binqose uthe oyedwa kwabesilisa abalimele evenini uthole ukulimala kanzima ngesikhathi omunye umgibeli nomshayeli weloli bekwazile ukuphuma bengenamyocu.

“Ukushayisana kwezimoto kuhlezi kuxoxa indaba yokuthi omunye wabashayeli ube ohlangothini olungafanele lomgwaqo,” kusho uBinqose.

UBinqose uthe uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha esifundazweni uXolile Nqatha usaqhubeka nokunxusa abashayeli bezimoto emigwaqeni ukuthi babekezele futhi baqaphele ikakhulukazi uma kunezimvula ezinamandla ngoba imigwaqo isuke imanzi futhi ishelela.

Ukushona kwala bantu abathathu kwenzeke ngemuva kokushona kwabantu abayisishiyagalombili ngeSonto ngesikhathi kushayisana amatekisi amabili ku-N2 e-Makhaphetshwini ngaphandle kwaseMthatha, ingozi edlulenemiphefumulo yabesilisa abayisikhombisa nowesifazane oyedwa. Itekisi ebiqhamuka ngase-Qumbu ibidlula enye imoto ngesikhathi ishayisana netekisi yabagibeli abebesuka e-Mthatha.

Abayisikhombisa kwabashonile bashonele endaweni yesigameko ngesikhathi owesishiyagalombili eshona ngesikhathi efika esibhedlela.

Bobabili abashayeli bamatekisi bebevaleleke ngaphakathi ezimotweni njengoba ithimba labezimo eziphuthumayo belibambezelekile.

UMnyango wezokuThutha usunxenxe i-National Roads Agency, i-Sanral ukuthi inyuse izinyathelo zokuphepha kulesi sigaba ngemuva kwezingozi eziningi ezibulalayo.

Esithombeni esingenhla: Ingozi eyenzeke ngoMsombuluko kusihlwa

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva