Enye imbibizane kuZuma enkantolo

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Uphoxekile owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngemuva kokuchithwa kwesicelo sakhe sokushushiswa ngasese kukaMengameli sichithwa iNkantolo eNkulu yase-South Gauteng.

Inkantolo isibeke eceleni isicelo sikaZuma, yathi silethwe enkantolo ngezinhloso ezingezinhle.

UZuma ubesola uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuba yingxenye yobugebengu ecaleni lokuputshuzwa kwamarekhodi akhe ezokwelashwa nguMshushisi u-Advocate Billy Downer.

UZuma ubesevele ehlulekile ukuphoqa inkantolo ukuthi imvumele ashushise u-Downer nentatheli uKaryn Maughan odabeni olufanayo.

Inkantolo iphinde yathola ukuthi izitifiketi zokushushisa ezizimele ezanikezwa uZuma yi-NPA azisebenzi kuRamaphosa futhi yathi isicelo sikaZuma sasingekho emthethweni futhi asihambisani nomthethosisekelo.

Umnyombo wengxabano kaZuma kanye nommeli ka-Advocate Dali Mpofu ukuthi uRamaphosa uhlulekile ukuqala uphenyo ngesenzo sika-Downer.

IHhovisi likaMengameli lithe uRamaphosa usamukele lesi sinqumo.

“UMengameli ubelokhu emile kwelokuthi ukushushisa kukaMnu Zuma ngasese kwakuwukuhlukumeza izinhlelo zenkantolo futhi kwakuphambene nomthethosisekelo.”

Isithombe esingenhla: Imizamo kaZuma yokuyisa uMengameli Cyril Ramaphosa phambi kwezinkantolo ngecala lobugebengu ayiphumelelanga futhi

Umthombo wesithombe: @JGZ_Foundation

Izihloko zakamuva