Engikufunayo kulo Khisimusi ukubona omakhelwane abashonile; kusho owesilisa w aseMelika

Umbiko wezintatheli

Ilungu laseMelika uThomas Massie ohlala e-Kentucky ubhale ku-Twitter wathi: “Ukhisimuzi omuhle! Ps. Santa, ngicela ulethe izinhlamvu.”

Lo myalezo ubuhambisana nesithombe somndeni wakhe uphethe izinhlobonhlobo zezibhamu ezibulalayo okukhona nesibhamu esikhulu esibizwa nge-assault refles.

Lo myalezo ubhalwe ngesikhathi esibi ngemuva kwesigameko sokudubula esikoleni, njengoba u-Ethan Crumbley oneminyaka eyi-15 ebhekene necala lokubulala afunda nabo abane esikoleni esiseduze kwase-Detroit.

Ngemuva kokubaleka, abazali bakaCrumbley nabo baboshelwa amacala okubulala ngokungenhloso ahlobene nokudubula.

Bathengela indodana yabo isibhamu njengesipho sikakhisimuzi ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba asisebenzise ukudubula ngaso.

Ngomhla zingama-21 kuLwezi, uthisha wathola u-Ethan Crumbley ebheka izinhlamvu ku-inthanethi kumakhalekhukhwini wakhe. Isikole sazama ukuthi sithole unina, okwathi kamuva wabhalela indodana yakhe: isidlaliso esithi “LOL, angikuthukuthelele. Kumele ufunde ukuthi ungabanjwa.”

Lesi senzo sokudubula kubulawe umuntu sesivele sagqamisa udlame lwaseMelika lokuphathwa kwezibhamu.

IMelika ilona lodwa izwe elinabantu abaningi emphakathini abaphatha izibhamu emhlabeni wonke – njengoba imizi eyi-100 inezibhambu eziyi-120.5. Lesi sibalo siphindeke kabili kuleso sabasasohlwini  njengoba izwe le-Yemen linenani lezibhamu ezingama-52.8, ngokocwaningo lwe-Small Arms olwenziwa ngonyaka wezi-2018.

Umthombo wesithombe : @RepThomasMassie

Izihloko zakamuva