Emncintiswaneni we-UEFA sekusele amaqembu amane: iliphi elizodla umhlanganiso?

Menzi Magubane

Kowe-UEFA Champions League iqembu elizothatha umhlanganiso liphakathi kweReal Madrid, iParis Saint-Germain, iManchester City noma iChelsea.

IMadrid, esinqobe le ndebe amahlandla ayi-13, izobhekana neChelsea, bese kuthi iPSG ibhekane neCity.

NgoLwesithathu ebusuku e-Anfield, iMadrid ibambe iLiverpool ngokulingana kwamagoli kwathi iziqhwaga zase-Spain zaqhubekela phambili ngo 3-1 sekuhlanganiswe amaphuzu amagoli.

Umqeqeshi weLiverpool uJurgen Klopp uthe ukuhlulwa ngo-3-1 e-Madrid ngoLwesibili olwedlule kulahlekisele amaReds indawo yawo emncintiswaneni.

“Sihluliwe e-Madrid. Kusobala lokho,” kusho uKlopp ku-Liverpool Echo.

UKlopp ukhale ngamathuba alahlekile. UGini Wijnaldum noMohamed Salah bebehamba phambili ekudaleni lawo mathuba asetshenzisiwe.

“Isikhathi esiningi uMo Salah ujwayele ukuqeda lolu hlobo lwezinto. Sibe nezimo eziningi futhi besingadala amathuba amaningi ngoba ibhola ebesilidlala belingcono.”

Khonamanjalo e-Germany, iMan City ikhombise ukuba namandla kakhulu eqenjini lasekhaya iBorussia Dortmund. ICitizens inqobe ngo-2-1 ngoLwesithathu ebusuku yaphinde yabambana ngo 4-2 sekuhlangene amaphuzu.

Kowandulela owamanqamu, iCity kanye nePSG bazobhekana kuqala emlenzeni wokuqala njengoba iCitizens izovakashela e-France mhla zingama-27 kuMbasa. Umlenze wokubuya uzoba se-Manchester mhla zi-5 kuNhlaba.

Umdlalo owandulela owamanqamu wesibili uzobona iMadrid yamukela iChelsea mhla zingama-28 kuMbasa emlenzeni wokuqala. Mhla zi-4 kuNhlaba, amaBlues azodlala neLos Blancos e-London emdlalweni wokubuya.

Umdlalo wamanqamu wale sizini uzobanjelwa e-Ataturk Olympic Stadium e-Istanbul, e-Turkey ngoMgqibelo zingama-29 kuNhlaba.

Umthombo wesithombe: @alvaro adriozala

Izihloko zakamuva