Mlungisi Gumede
Ihhovisi loMvikeli woMphakathi seliqalise uphenyo ngezinsolo zokonakala kwezidumbu emakhazeni kahulumeni e-Phoenix.
I-Scrolla.Africa sibike ukuthi kunenqwaba yezidumbu kule ndawo kanti ezinye zazo sezihlale eziqandisini iminyaka engaphezu kweyisishiyagalombili.
Esitatimendeni sabezindaba esikhishwe ngoLwesihlanu, ihhovisi loMvikeli woMphakathi lakuleli (PPSA) lizwakalise ukukhathazeka ngezinsolo ezintsha ezithinta lesi sikhungo.
“Lesi sikhalo siza ngemuva kweminyaka emithathu kukhishwe umbiko wophenyo lwangoNdasa ngo-2019 owaveza izinkinga ezisabalele emakhazeni kahulumeni KwaZulu-Natal, okuhlanganisa namakhaza ase-Phoenix,” kusho isitatimende.
Ukuze kulungiswe ukuziphatha budedengu, i-PPSA ithe umphathi womnyango wezempilo esifundazweni uDkt M Gumede, uyalelwe ukuthi aqinisekise ukuthi kunokuqapha njalo ngekota yonyaka izindaweni ezigcina izidumbu ukuze kuqinisekiswe ukuthi lezi zindawo ziyilandela yonke imithetho efanele.
“Umbiko kaDkt Gumede unikeze isithombe sokuthi uMnyango watshelwa ngalolu daba ngesikhathi usuqala ukusebenza. I-PPSA ikholelwa ukuthi ukube kulandelwe yonke imiyalelo ayabekwa uDkt Gumede, izimo ezibikwayo ngalesi sikhungo ngabe zehlukile,” kufundeka isitatimende.
Izinsolo ezintsha ziveza ukuthi abasebenzi bakulesi sikhungo abanawo amathuluzi ayisisekelo, izinsiza kanye nemishini yokuzivikela.
Kuphinde kwavele nezinsolo zokuthi imishini ethile yezokwelapha ayisekho esimeni esifanele kanti lokhu kuholela engozini yezempilo nezokuphepha nokuthi ukuphathwa kwezidumbu akuhambisani nomthamo yeziqandisi okuholela ekutheni izidumbu zibekwe phansi.
Abasebenzi basemakhazeni bathe uMnyango wezeMpilo wehlulekile ukubahlinzeka ngemishini yokuzivikela kanti baphoqeleke ukuthi baphinde basebenzise izinsiza zabo ezindala.
Baphinde bathi okungenani izidumbu ezingu-20 kudingeke ukuthi zibekwe phansi emakhazeni ngeledlule ngoba lesi sikhungo besichichima yizidumbu.
Okhulumela i-PPSA u-Oupa Segwale esitatimendeni uthe sebeqale uphenyo olusha oluzogxila ezindabeni ezingafakwanga ophenyweni lokuqala mayelana nalesi sikhungo.
“Mayelana nalokhu, abaphenyi bazobhalela uMnyango wezeMpilo bacele impendulo ngezinsolo. Ithimba lizophinde licele umhlangano nomnyango kanye nezinyunyana zabasebenzi ngaphambi kokuvakashela le ndawo,” kusho uSegwale.
Amakhaza kahulumeni e-Phoenix awaqali ukuba undabamlonyeni. Sekuphele iminyaka eminingi ukuntuleka kwezinsiza ezanele kuvele obala, ukubambisana okungekuhle phakathi koMbutho wamaphoyisa wakuleli kanye ne-Pathology Services emingcwabeni yabantu abampofu kanye nokubambezeleka kokukhishwa kwemibiko yokuhlolwa kwesidumbu.