
Sizwe Sibiya
Iqembu lomculo wohlobo i-Afrohouse lasePitoli i-Afrikan Roots ligubha iminyaka eyishumi selokhu lakhipha i-albhamu yalo yokuqala esihloko esithi Masibambane ngoMasingana ngonyaka ka-2012.
I-Afrikan Roots njengoba isebenzisana ne-South African State Theatre izobe idlala e-State Theatre ePitoli ngoMgqibelo ngomhlaka-18 kuNhlangulana. Abalandeli bazobe bethokozele ukubuka usomahlaya ongumsakazi nomlingisi u-Ashifa Shaba.
Leli qembu elihlanganiswe uDj Mosco, uDj Maspila, uMasilela noNyekx kungenzeka ukuthi ligubha iminyaka eyishumi lindawonye kodwa empeleni sekunesikhathi eside leli qembu likhona futhi lasungulwa umculi walo uNyekx ogama lakhe langempela nguKenneth Manyemula ngo-2010.
Njengomholi weqembu uNyekx ophinde abe ngumsunguli welinye iqembu lomculo we-house elibizwa nge-Black Motion wasayina i-Afrikan Roots ngaphansi kwenkampani aqopha kuyo i-RootsKollective ngo-2015.
Lokhu kungemuva kokuphumelela kwezingoma ezithi-Better Half ehambisana noXoli M kanye nethi Masibambane ephume kwi-albhamu yabo yokuqala.
Manje sekudlule iminyaka eyishumi lasungulwa futhi leli qembu selinama-albhamu amahlanu.
NgoNhlaba leli qembu likhiphe ividiyo yomculo ethi Shikisha okungeyona yodwa ekwi-albhamu yalo yokugcina enezingoma ezingu-30 enabaculi abafana noMovi M, uDJ Buckz noCici kanye nabanye abambalwa.
Umthombo wesithombe: Instagram