Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Isithathe elinye igxathu indaba yomdlwenguli waku-Facebook uThabo Bester njengoba sekuvela ezinye izinto ebezifihlakele.
Njengoba kuqubuka lolu daba lwenkohliso, kuvele ukuthi uDkt Nandipha Magudumana obesebenzisana noBester unokuxhumana naleli cala eliyindida kanti nobaba wakhe uboshiwe!
Udaba lwakamuva lobugebengu obushubile luthinta uZolile Cornelius Sekeleni, ohlonzwe njengoyise kaMagudumana futhi owayengumqaphi esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo e-Mangaung. Leli ijele elinonogada abaningi, kodwa uBester wakwazi ukweqa ngoNhlaba nyakenye.
USekeleni uboshwe e-Port Edward ngoLwesihlanu kwathi omunye umsolwa, uSenohe Matsoara naye ongunogada ejele uboshwe e-Bloemfontein ngakusasa. Bobabili basolwa ngokusiza uBester ukuthi eqe kanti bazovela eNkantolo namhlanje.
UBester noMagudumana abebebalekile bagcine belandelwa baboshwa e-Arusha, e-Tanzania ngoLwesihlanu ebusuku. UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ukuqinisekisile ngoMgqibelo ukuthi babanjwe ngamaphoyisa ase-Tanzania kanye ne-Interpol.
Ukweqa kukaBester ejele kudonse amehlo abantu emhlabeni jikelele, njengoba enze izinto eziningi ukuze agweme ukuboshwa waze wakha isu lokuzenza umuntu oshonile ukuze alahle iziphathimandla.
Ngesikhathi edonsa isigwebo eside ngamacala okudlwengula abesifazane ababili, kwakholakala ukuthi ushone emlilweni njengoba kwatholakala isidumbu esishile esitokisini sakhe okwacatshangwa ukuthi ngesakhe.
Nokho imiphumela yakamuva yolibofuzo iveze ukuthi isidumbu esitholwe esitokisini bekungesona esikaBester, okuqubule imibuzo eminingi kunezimpendulo.
UNgqongqoshe uCele umemezele ngoMgqibelo ukuthi seluqaliwe uphenyo lokubulala, njengoba kungaziwa ukuthi ngubani isisulu esatholakala esitokisini. Imibiko yokuhlolwa kwesidumbu iveze ukuthi isisulu sashona ngenxa yokulimala kanzima ekhanda futhi ubevele eseshonile ngaphambi kokushiswa.
Olunye uphenyo seluveze ukuthi uBester kanye nabesebenzisana nabo phakathi kwezikhulu zejele, bafaka isidumbu esitokisini sakhe (35), esikhungweni sase-Bloemfontein ngenhloso yokuzama ukudukisa umkhondo.
Mayelana noMagudumana, odume ngelikaDkt Nandi kungenzeka ukuthi izinkinga zakhe zisekude ukuphela. Ngaphandle kwezinsolo zokuthi uyathinteka ekubalekeni kukaBester, lo saziwayo ongudokotela ubhekene nezinsolo zokuthi wenza uhlelo lokukhwabanisa lomshwalense olunohlonze. Kuthiwa waqoqa imali yomshwalense wempilo yabantu abathathu abashonile ayebatholile.
Esithombeni esingenhla: UDkt Nandipha Magudumana (kwesokudla) noyise, uZolile Cornelius Sekeleni (kwesokunxele)
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe