Ilungu lePhalamende le-DA uLeon Schreiber utshele oNgqongqoshe beKhabhinethi amaqiniso asobala.
Wajabulisa nabantu ngesikhathi kunomdlalo wamahlaya othathe imizuzu emithathu ePhalamende ngoLwesithathu.
Ekhuluma ngesikhathi kunenkulumompikiswano yokungamethembi yokususa iKhabhinethi, uSchreiber ukhulume ngezenzo zikaNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula owasho ku-Twitter ukuthi usefikile kwinyanga(moon).”
“Ngesikhathi ojantshi bethu bewa kuvuleka imigodi emigwaqeni yethu, uNgqongqoshe wezokuThutha unesikhathi sokubhala ku-Twitter ngephupho lakhe lokuya kwinyanga.
“Abantu baseNingizimu Afrika bangakujabulela ukukhokhela lolo hambo inqobo nje uma kuyithikithi lokuya kuphela. Kodwa ngenhlanhla uNgqongqoshe ugcwele umoya oshisayo emzimbeni kangangokuthi singonga imali eningi kuphethiloli werokhethi.”
USchreiber uphinde wakhuluma ngoNgqongqoshe wezokuVikela uThandi Modise ethi impi ayilwayo ile yezingulube ezingenacala epulazini lakhe.
“Lokho ukwenza uma engekho matasa ephuza i-champagne nabahlaseli base-Ukraine njengenxusa lase-Russia.”
UNqgongqoshe uPatricia de Lille wagxekwa ngokubiyela umngcele wase-Zimbabwe ngo-R37 million.
“Ulengise abantu baseNingizimu Afrika kulayini ngo-R37 million.
“Uma kungathiwa le Khabhinethi yobubha ayibuyele esikoleni, akekho noyedwa kubo obengafinyelela ku-30% wamamaki okuphasa obekelwe izingane zethu.”
Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi beKhabhinethi sihlulwe ngamavoti angu-231 kwangu-131 njengoba i-DA, i-EFF, i-Freedom Front + ne-UDM yeseka lesi siphakamiso.