Razeen Gutta
Iqembu lekhilikithi lakuleli (CSA) likuqinisekisile ukuthi iligi yayo entsha ye-T20 izoqala ngonyaka ozayo ngaphansi kobuholi bukaGraeme Smith.
Iligi ehlelelwe ukuthi iqale ngoMasingana ngo-2023, izoba namaqembu ayisithupha azozinza ezikhungweni ezinkulu. EGoli, e-Centurion, e-Gqeberha, eKapa, e-Paarl kanye naseThekwini yizona zindawo ezikhethiwe ngemuva kwezindawo eziyishumi ebezifake isicelo sokusingatha lo mqhudelwano.
Izinkundla eziyisithupha ezikhethiwe zifana neziyisithupha ebezisingatha iMzansi Super League (MSL) engeke yenzeke, obekuyimizamao yakamuva ye-CSA yokwakha iligi ye-T20 franchise.
Kulokhu abanikazi bamaqembu abaphumelelayo bazofika kuleli benolwazi lwangaphambilini lokuphatha amaqembu emhlabeni jikelele.
I-CSA igcizelele ukubaluleka kokubandakanyeka kwabo phambilini kwi-Indian Premier League (IPL).
Emaqenjini ayishumi e-IPL abayisithupha babanikazi bawo sebewine izicelo zokuthenga amaqembu akuleli.
I-Reliance Industries Limited okungabanikazi abawine i-IPL amahlandla amahlanu be-Mumbai Indians bathenge iqembu laseKapa kanti abanikazi be-Chennai Super Kings abawine izikhathi ezine bathenge iqembu laseGoli.
I-RPSG Sports Private Limited kanye ne-Sun TV Network Limited bawine amathenda eThekwini nase-Gqeberha nezinkampani ezimbili i-Lucknow SuperGiants kanye ne-Sunrisers Hyderabad ngokulandelana.
I-Rajasthan Royals’s Royal Sports Group izophatha i-Paarl okuyilapho i-JSW Sports okingabanikazi be-Delhi Capitals bethenge iqembu e-Centurion.
Ngemuva kokuqokwa njengokhomishana wophiko olusha uSmith uthe ukwethembeka kwabanikazi abasha kuzozuzisa ikhilikithi yakuleli.
“Lesi isikhathi esijabulisayo kwikhilikithi yakuleli. Ukuthakasela okukhulu kukhombisa ukuthi izwe lisabalulekile ohlelweni lwekhilikithi lomhlaba wonke,” kusho uSmith.
“Isizinda sezemidlalo esiqinile sabanikazi abathintekayo siletha uzinzo namava kwiligi.”
Iligi entsha kubikwa ukuthi ibeke isabelomali esilinganiselwa ku-R25 million i-franchise ngayinye ukuze ihole abadlali kanti iqembu ngalinye livunyelwe ukusayinisa abadlali abahlanu abavela kwamanye amazwe.
“Sesinenkontileka yabadlali abaningi abahamba phambili emhlabeni ezomenyezelwa maduze.”
“Uma kuhlangene nesizinda sabadlali bethu bakuleli esiqinile abalandeli nababambe iqhaza bangaqiniseka ukuthi iligi entsha izokhombisa ithalente nekhono elijabulisayo.”
Umthombo wesithombe: @CricketAddictor