Ele-Ferrari kumele lizinuke amakhwapha ngokuhlulwa

Dylan Bettencourt

Uma ithimba le-Ferrari lihlulwa kwi-constructor championship ye-Red Bull ekupheleni kwesizini kumele lizigxeke lona.

Imiqhudelwano emithathu yokugcina ye-French Grand Prix yonke iwinwe umshayeli ophume phambili ngoMgqibelo.

UCharles Leclerc uthole ukuhlonishwa ngoMgqibelo futhi wanqoba ithimba le-Ferrari okwesithathu kulandelana.

Ngemuva kokushiya uMax Verstappen ngegebe elikhulu kulo mqhudelwano uLeclerc ubezimisele kakhulu ukuhlala engaphambi kwakhe, kodwa amasondo akhe amnike inkinga. 

Inkinga yakhe ivele ngesikhathi ejika washayisa udonga okuphoqe ukuthi imoto yakhe iphume, kodwa futhi uyalivuma iphutha lakhe elimholele ekutheni kuphume imoto yakhe.

UVerstappen ukujabulele ukumphuca iqatha emlonyeni njengoba ubesehamba phambili wonke umjaho.

UVerstappen ne-Red Bull babuye ukuzonqoba umdlalo ngemuva kwezimpelasonto ezimbili zomjaho benganqobi nowodwa.

ULewis Hamilton okwithimba le-Mercedes uqede isibili wathatha indawo yakhe yesihlanu kule sizini yize imoto ibingekho sezingeni uma iqhathaniswa ne-Red Bull ne-Ferrari.

UHamilton wabelane ngenkundla nozakwabo uGeorge Russell okokuqala ngqa kule sizini.

Izinkinga ze-Ferrari ziqhubekile njengoba uCarlos Sainz ephume kulayini ekade esemuva kulandela inhlawulo yokushintsha injini.

Lo mdlali wase-Spain ukwazile ukuqhubeka waze wafika endaweni yesithathu ngemuva kukaPerez.

USainz ne-Ferrari balwile mayelana nokuthi aqhubeke nokungenela umjaho noma aphume njengoba amathayi akhe abenenkinga.

Ngesikhathi uSainz esezodlula uPerez iqembu lakhe limbizile ukuze libheke imoto, kodwa uvele wanqaba.

Kodwa ugcine ebalalelile walandela imiyalelo waphuma endaweni yesishiyagalolunye. Nokho ukwazile ukuqeda endaweni yesihlanu ekubuyeni okumangalisayo. 

UVerstappen ne-Red Bull bandise ukuhola kwabo umjaho kumshayeli nakwi-constructor Championship ngaphambi komjaho wase-Hungary ngempelasonto ezayo.

I-Hungarian Grand Prix ihlelelwe ukudlala ngeSonto ngomhlaka-31 kuNtulikazi ngaphambi kwekhefu lasehlobo lamasonto amane.

Umthombo wesithombe: @B24PT

Izihloko zakamuva